BAKHONONDA ngomfundisi omkhulu wamaNazaretha, Embelebeleni KwaMashu, okuthiwa uxova leli thempeli njengoba kusuke izibhelu kwajahwa nabagcotshwa abebezokwethula uMshumayeli noMkhokheli ababexoshwe wumholi webandla, iNkosi Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.
Kulesi sigameko kugwazwe nethayi lomunye wabagcotshwa, amakholwa evuke indlobana ejahana ethempelini emasontweni amabili edlule.
Kuthiwa kumanje amaNazaretha kuleli thempeli asekhonza egadwe amaphoyisa ngoba besaba ukuthi kungasuka impi noma yinini.
Imithombo yangaphakathi kuleli thempeli ithe inkinga enkulu ngumfundisi omkhulu wakhona obizwa ngoMdletshe okuthiwa wenza izinto ngendlela yakhe ukuxova amakholwa.
Kuthiwa lo mfundisi akasangeni naseThempelini elikhulu eSikhumbuzweni okuyilona eliphethe wonke amathempeli aKwaMashu, ngenxa yokuthi waxoshwa enukwa ngokuthakatha.
Kukhona nomunye wabagcotshwa okuthiwa usevuka nasesibhedlela ngenxa yokhwantalala okuthiwa ludalwe wukuxoshwa ngumfundisi uMdletshe eMbelebeleni ‘engonanga’ lutho.
“Inkinga enkulu umfundisi Mdletshe oxova leli thempeli. Uqambe amanga wasebenzisa abagcotshwa ukuthi abazomemezela ukuthi ubaba uNyazilwezulu selubabuyisele esontweni okuyinto engekho. Nangesikhathi laba bagcotshwa bethula inkulumo bebezenza ubaba befuna amakholwa amukele inkulumo yabo ngendlela amaNazaretha ayamukela ngayo uma kukhuluma uNyazilwezulu ngoba bethi bathunywe yilona ngqo, okuyinto engekho. Kumanje lo mfundisi akangeni eSikhumbuzweni okuyithempeli elikhulu njengoba esolwa ngokuthakatha. Ukusolwa ngokuthakatha yinto eyaziwayo nje KwaMashu futhi iyakhulunywa nje,” kusho umthombo.
Kuthintwa uMfundisi Mdletshe ucingo lwakhe belukhomba ukuthi luvaliwe. Nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Omunye wabagcotshwa (esiligodlile igama lakhe) othe ube yisisulu sikamfundisi Mdletshe, uthe usevuka esibhedlela ngenxa yokhwantalala oludalwe yindlela aphathwe ngayo yilo mfundisi.
“Ngingeniswe esibhedlela eNtabeni ngalaliswa isonto lonke ngenxa yakhe lo mfundisi. Ungixoshe ngingonanga lutho. Phezu kwalokho bengivele ngiphila kanzima ngaphansi kobuholi bakhe, ubungathi ngisejele ngibe ngisesontweni. Kuningi nje akwenzayo okuyinkinga okulukhuni ukukubekezela. Kumanje sengikhonza kwelinye ithempeli khona KwaMashu ngenxa yakhe,” kusho lo mgcotshwa.
Okhulumela amaNazaretha ngaphansi kweNkosi uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe udaba lwaseMbelebeleni ngeke lulungiseke uma lusingethwe ngumfundisi Mdletshe kuphela.
“Siyayazi indaba yaseMbelebeleni, kodwa ukuze ilunge kudingeka ilungiswe umfundisi Mdletshe alekelelwe wuMfundisi Gumede, noMfundisi Mathenjwa abangabanye abafundisi abakhulu abaphethe amathempeli aKwaMashu. Uma konke kusingethwe wuMdletshe, akukho lutho oluzolunga,” kusho uMncwabe.
Mayelana nokuthi abagcotshwa abamemezele ukubuyiswa komshumayeli nomkhokheli eMbelebeleni, uMncwabe uthe ngeke akuqinisekise ukuthi bebethunywe wuNyazilwezulu ngempela ngoba akanabo ubufakazi.