WUMHHUME wabaphangi, izindonga ziyadilika, kumile ukhula kungathi ngamanxiwa okudala afulathelwa ebhilidini elabe liyisitolo kwaJeena eMlaza, nokutholakale izidumbu zababili besifazane bandawonye zilaxaziwe, ngeSonto ekuseni.
Izidumbu ezikaNksz Ashly Jaers (18) nonina omncane uNksz Lee-Ann Jaers (30), kuthiwa zitholwe wumshayeli webhasi ebelidlula zilaxazwe ngasemgwaqweni, esinye sibekwe phezu kwesinye, zinqunu.
Umshayeli wuye obe esehlaba umkhosi. EsikaLee-Ann kuthiwa sitholwe sinezibazi zokuklinywa kanti esika-Ashley besinenxeba lokugwazwa enhlafunweni ngakwesokudla.
Lesi sigameko sithuse abaningi njengoba umphakathi ukhombise ukunganeliseki ngaleli bhilidi eseliyinxiwa, okwakuyisitolo esikhulu esiphakela ezinye, esacekelwa phansi ngesikhathi sezibhelu zangonyaka odlule, abantu bezitapela impahla.
Ilungu lomphakathi elisebenzela eduze kwalesi sakhiwo elingusomabhizinisi elingathandanga ukudalulwa, lithe umphakathi uyasaba ukudlula ngakule ndawo ngenxa yezigameko zobugebengu ezidlangile okukholakala ukuthi ezinye zazo zigqugquzelwa yilesi sakhiwo esesiphenduke indawo yokukhosela izinswelaboya.
“Akusikhona okokuqala kutholakala umuntu eshonile lapha kwaJeena. Phambilini kutholakale esinye isidumbu sowesilisa. Okubuhlungu wukuthi abantu abatholwayo, imvamisa akubona abakhona endaweni. Babulawa lapho bebulawa khona bese bezolahlwa kule ndawo. Nalaba besifazane abatholiwe abangamakhaladi, sithole ukuthi ngabaseSiphingo,” usho kanje.
UMnuz Koko Vezi, ongunobhala we-ANC egatsheni eliku-ward 90, uthe ziningi izigameko zobugebengu ezenzeka kulesi sakhiwo, esiseduze nendlela esetshenziswa kakhulu ngabantu abahamba ngezinyawo.
“Abafundi basebenzisa le ndlela ukunqamulela uma beya ezikoleni ezingaphesheya kanti bagcina sebebanjwa inkunzi bephucwa amaselula nezinye izinto ezibalulekile. Sekuyisakhiwo esesabekayo akuphephile ukudlula kuso nasemini,” kusho uVezi.
UNkk Lindiwe Mthembu oyikhansela le-ANC kule ward, uthe sebeke baba nawo umhlangano nomnikazi wesakhiwo ekutheni acacise ngaso njengoba sekunesikhathi sihleli kanje singalungiswa.
“Ngebhadi akukho ngaphansi kukamasipala, kunomnikazi wakho. Sibe nawo umhlangano emva kokuthi kutholakale umuntu ongaziwa ezilengise kuso, ngasendleleni okuhamba kuyo umphakathi. Waveza ukuthi usalinde abomshwalense wakhe ukuthi bamlungisele emva kokuthi sacekeleka phansi ngezibhelu zangoJulayi.
“Emva kokuxoxa naye, wayivala indlela engenela kuso, wabiya ukuze izigebengu zingakwazi ukungena ngaphakathi kodwa sivele siyihlane. Siyethemba ukuthi sizolungiswa ngokushesha, sikwazi ukubuyela esimeni,” kusho uNkk Mthembu.
Imizamo yokuxhumana nomnikazi webhilidi ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Ngesikhathi Isolezwelifika endaweni yesigameko, lidlulele esiteshini samaphoyisa lapho umndeni wabesifazane abatholwe bebulelwe kule ndawo ubukhona ngenhloso yokudlulisa isitatimende ngokwenzekile emaphoyiseni kodwa wenqaba ukukhuluma nezintatheli ngalolu daba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseSiphingo aphenya amacala okubulala, wanxusa noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa ekutheni kuboshwe abasolwa athinte amaphoyisa enombolweni ethi 08600 10111.