KUVELA ukuthi abahlanu abadutshulwe ngamaphoyisa ngoMsombuluko eZintombini, kwaBester eNanda, bebeseqenjini lemigulukudu ebelihamba ngeQuantum ebelihlalise lubhojozi umphakathi, liqotha kwasani ngenhlamvu.
Lokhu kuvele ngesikhathi Isolezwe lihambele le ndawo izolo kulandela isigameko sokudutshulwa kwabo amaphoyisa.
Okuqaphelekile ukuthi abantu bakule ndawo basovalweni ngendlela engakaze ibonakale.
Abantu abaningi Isolezwe ebelithi uma lizama ukukhuluma nabo mayelana nesigameko bebethwala izandla ekhanda balimise ngesihloko elokuthi abafuni ukuphawula ngalolu daba.
Abanye bebeze bethi abafuni nokubonakala bemi nezintatheli zeSolezwe.
Nakuba kunjalo kodwa Isolezwe ligcine lithola ilungu leCommunity Policing Forum (CPF) elicele ukungadalulwa kwazise nawo abhekene nengwadla yokuhlaselwa.
Liveze ukuthi i-Quantum lidume ngokuthi iWest kanti bese limandla ekuhlukumezeni abantu kule ndawo.
“Lihamba emigwaqweni yendawo uma sekuhlwile. Lapho lihlasela bonke abantu elihlangana nabo emgwaqweni. Abantu baphucwa izikhwama, amaselula bese beyadutshulwa, bashiywe kanjalo,” kusho ilungu leCPF.
Liqhuba lithi i-Quantum liqale ukuba wuhlupho ngoFebhuwari nonyaka.
Lithe uma bezwa like laba mandla nakwezinye izindawo ezisenyakatho yeTheku okukhona kuzona iNtuzuma, KwaMashu nasezindaweni ezehlukene zaseNanda.
Lizwakalise ukukhathazeka kwalo ngokukhula kobugebengu ngesivinini kule ndawo.
Lithe ubugebengu buhlukene izigaba ezintathu. Esokuqala kukhona abaphucwa izikhwama ekuseni nantambama uma beya noma bebuya emsebenzini.
UThe olunye uhlobo lobugebengu yilolu lwabezidakamizwa athe abaqondi noma kusuke kubangwa izindawo zokuhweba namakhasimende.
Obesithathu uthe yilobu be-Quantum obuyamaniswa nabadutshuliwe.
Nelinye ilungu lomphakathi elificwe yiSolezwe ngasendaweni yesigameko likhale ngalo iQuantum.
Liveze ukuthi sekunezigameko ezilandelanayo esezike zenzeka kule ndawo ezimayelana nokubulawa kwabantu.
Lithe izingane zabafana yizona ezibulawa kakhulu. Uphakamise ukuthi kungaba ngcono uma amaphoyisa ethatha izingane ayozibopha kunokuthi azidubule.
Yize sekunezigameko ezimbalwa zokudutshulwa kwabasolwa ngamaphoyisa kusukela emasontweni amabili edlule kodwa abantu bathi izinga lobugebengu alikabi ngcono.
Kule ndawo okwenzeke kuyona isigameko kukhona lapho okubhalwe khona igama laleli qembu lemigulukudu odongeni iWest.
Lena yindawo enemizi esondelene kakhulu kodwa okuvela ukuthi abantu abaningi bayesaba ukuhamba kuyona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker, uthe bahlanu abantu abasale enkundleni ngesikhathi bedubulana namaphoyisa.
Uthe abane bafe ujuqu endaweni yesigameko kwathi oyedwa watholakala kwamakhelwane izolo ekuseni.
Uthe umakhelwane kumele aphendule ngokuthi umvumele kanjani lo muntu ukuthi azocasha ekhaya lakhe.
Kulesi sigameko kudubuleke iphoyisa leNational Intervantion Unit (NIU) okuthiwa liyelashwa esibhedlela.