KUHLUKENI imibono ngesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esithi owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma kuzomele abuyele ejele ayoqedela isigwebo sakhe sezinyanga ezingu-15 njengoba ahlala ezimbili kuphela ejele eliseMtshezi, Escort.
Umholi weDA uJohn Steehuisen uthe, lesi isinqumo esihle kakhulu. “Uma kuthiwa siyalingana ngaphambi komthetho lokho kumele kubonakale futhi kwenzeke.
Njengeqembu leDA sasivele singathokozile ngokuphuma ejele kukaMnuz Zuma ekubeni engasiqedile isigwebo sakhe,” kusho uSteenhuisen.
UJenene Bantu Holomisa uthe into ebuhlungu ngalesi sinqumo ukuthi uMnuz Zuma akazikhiphanga ejele njengoba sekumele kuhlawuliswe yena.
Ungoti wezomthetho u-Adv Mpumelelo Zikalala uthe, kuyiqiniso ukuthi uZuma wayengayona ingxenye yokukhululwa kwakhe ngokungekho emthethweni, yena wazuza esinqumeni esasingafanele.
Ukuphuma kwakhe kwakungekho emthethweni naye wayengayona ingxenye yakho. “Inkantolo kumele ikuqonde ukuthi uZuma akazikhiphanga ejele. Umuntu okumele akhonjwe ngenjumbane ngokuphuma kukaZuma ngendlela engafanele, yilowo owayenguKhomishana u-Arthur Fraiser,” kucacisa uZikalala.
Kuzokhumbuleka ukuthi udaba lokuphuma kukaZuma aludlulanga kwiMedical Parole Board kodwa kwaba isinqumo sikaFraiser.
Iningi labantu lihlalele ovalweni ngalesi sinqumo, kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kokuboshwa kukaZuma kwatatshwa ezitolo kwafa nenqwaba yabantu.