KUHLUKANE imibono emaqenjini ezepolitiki iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sishaya ngamafuphi ngesikhathi sethula inkulumo yokuvula isiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Yize kube namaqembu ezepolitiki athe iNdlulamithi ikhathule enkulu indima, amanye akhale ngokuthi ubufishane benkulumo yayo kwenza abone kunesidingo sokuthi umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho ube usuku olulodwa.
Amaqembu athe afuna ukuthi kuqale iSilo sikhulume ekuseni, bese emini kukhuluma undunankulu wesifundazwe.
Njengamanje undunankulu wesifundazwe wethula inkulumo yakhe ngosuku olulandelayo.
Inkulumo yeSilo ithathe imizuzu engaphezudlwana kweyishumi.
Kushaye u-12 indlu isiguqile njengoba bese kuqedwe konke okosuku.
IsiShayamthetho sisebenzise uR3 milliom ukuhlela umcimbi wezinsuku ezimbili.
Amanye amaqembu ezepolitiki athe kungongiwa imali uma umcimbi ungaba ngosuku olulodwa.
Kodwa lo mbono uchithiwe uNdunankulu kaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, kanye neqembu eliphikisa ngokusemthethweni esiShayamthetho, i-IFP.
UButhelezi uthe abafuna ukuthi umcimbi ube usuku olulodwa bakhombisa ukungabuhloniphi ubuholi bomdabu.
Ohola i-IFP esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uMnuz Blessed Gwala, uthe akekho umuntu okufanele akhulume uma sekukhulume iSilo.
“Indaba yokuthi umcimbi ube izinsuku ezimbili yaqalwa yithi njenge-IFP ngesikhathi sisaphethe KwaZulu-Natal. Lokhu sasikwenza ngamabomu ukuze kungaphazamiseki inkulumo yeSilo. Uyabona nje namhlanje wonke umuntu ukhuluma ngokushiwo iSilo, akekho okhuluma ngokushiwo undunankulu.”
Oxhumanisa iKhabhinethi yaKwaZulu-Natal nesiShayamthetho, uMnuz Siboniso Duma, uthe bebengakaluxoxi udaba lokuthi umcimbi wenziwe ngosuku olulodwa.
“Uma kunesikhalo sokuthi sibhekene nesimo somnotho esingesihle, singasibheka leso siphakamiso, bese sixoxa nendlunkulu. Ngeke siphange umdaka linganile.”
Ohola iDA esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe iningi imali engongiwa uma umcimbi ungenziwa ngosuku olulodwa.
“Isifundazwe sethu asinayo imali eyanele. Sihlezi sisho ukuthi undunankulu angethula inkulumo yakhe ntambama emva kokuba iSilo sesikhulumile ekuseni.”
Usihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bafuna ukuthi iqembu elizophatha iKwaZulu-Natal emva kokhetho liyicabangisise indaba yokwenza umcimbi ube usuku olulodwa.
“Vele iqembu eliphethe njengamanje seliyaphuma. Ingakho ngikhuleka kulamaqembu esizosebenzisana nawo emva kokhetho ukuba ayibhekisise kahle le ndaba.”
Amaqembu ezepolitiki akushayele ihlombe ukuba iSilo sikhuze ukubulawa kosopolitiki namakhosi.
Ohola i-EFF esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Thwala, uthe kubalulekile ukuba kube nokubekezelelana KwaZulu-Natal uma sekuqhubeka imikhankaso yokhetho.