SEKUSELE ukuthi ziye ezifundazweni ezimbili okuyiNorthern Cape ne-Eastern Cape, izigcawu zokuthola ukuphawula komphakathi ngomthethosivivinywa othinta izikole, iBasic Education Laws Amendment Bill (Bela).
Ngaphansi kwalo mthethosivivinywa sekuzoba yimpoqo ukuthi umfundi aqale isikole kwaGrade R, njengoba besiyimpoqo kusuka kwaGrade 1.
Okunye ngukuthi labo abaphazamisa umfundi ukuthi aye esikoleni okungaba ngumzali angaboshwa abhadle ejele, ukubeka imibandela eqinile kulabo abafundisa izingane zabo emakhaya, ukunika amandla inhloko yomnyango kuleso sifundazwe ukuthi inqume uma isikole sesigcwele kanjalo nezinye iziphakamiso.
Usihlalo wekomiti lemfundo eyisisekelo ePhalamende, uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, uthe kuhlukane imibono esigcawini somphakathi ebesiseWestern Cape ngempelasonto.
Uthe sebebambe ngempumelelo izigcawu ezifundazweni eziyisikhombisa, wathi sekusele baye ezifundazweni ezimbili kuphela.
“Sanelisekile ngohlelo okwamanje nokuthi umphakathi uyaphuma uzoveza imibono yawo mayelana nalo mthethosivivinywa. Ezindaweni esizihambelayo kuyagcwala ngoba abazali bafuna izingane zabo zibe nekusasa eliqhakazile. Nemibono esiyitholayo isezingeni izokwenza siyikomiti sikwazi ukuthatha izinqumo eziphusile.”
Uthe labo abasekela umthethosivivinywa bathi bayahambisana nokuthi inhloko yomnyango kube yiyona ezoba nezwi lokugcina ngolimi okumele lufundwe esikoleni kanjalo noma isikole sesigcwele. Wathi bethe kuzoqeda umkhuba wezigungu zabazali wokuvalela ngaphandle labo abasuke befuna izikhala.
“Labo abaphikisana nomthethosivivinywa bakhala ngokuthi kuzophucwa izigungu zabazali amandla okunquma uma sekugcwele noma ulimi okumele kufundwe ngalo kuleso sikole. Bafuna nokuthi naleyo mindeni engenayo imali ivunyelwe ukuthi izingane zayo zizifundele emakhaya, kungaqokwa umuntu ozobhekela ukuthi izingane ziyafunda ngoba lokhu kuzodla lowo mndeni ephaketheni.”
Uthe labo abahambisana nomthethosivivinywa bafuna ukuthi uhulumeni azi ukuthi izingane ziyafunda noma kuthiwa zifundela emakhaya njengoba okwamanje lolu hlelo luhlomulisa kuphela labo abacebile abakwazi ukukhokhela abazofundisa lezi zingane.
“Kukhona abafuna kubhekisiswe indaba yokuthi othisha baboshwe uma bengenela isiteleka esingaphazamisa ukufunda nokufundisa ezikoleni. Abaningi basichithile isiphakamiso sokuthi kuvunyelwe ukuthi utshwala budayiswe ezikoleni uma kunemicimbi yokuqoqa imali.”
Uthe bakhale ngokuthi lokhu kuzogqugquzela ukuthi kuphuzwe noma yikanjani emagcekeni ezikole.