KUHLUKANE imibono ezigcawini zekomiti lemfundo eyisiSekelo ePhalamende ebeziKwaZulu-Natal, zokuthola ukuphawula komphakathi ngokuchitshiyelwa komthethosivivinywa wezikole iBasic Education Laws Amendment Bill (Bela).
Abanye bebeweseka lo mthethosivivinywa abanye bewuchitha bekhala ngokuthi uzophuca abazali kanjalo nezigungu ezilawula izikole amandla azonikwa umnyango wezemfundo.
Esigcawini somphakathi ePinetown Civic Centre izolo, abanye bakhale ngokuthi uhulumeni ufuna ukubalawula ngokuthi bachaze ukuthi izingane zabo zifundani ikakhulu lezo ezizifundela zona emakhaya.
Abebephawula abaningi okungabamhlophe bebekweseka ukuthi kumele bazikhethele abafuna ukukufundisa izingane zabo.
“Ilungelo lethu ukungasho ukuthi izingane sizifundisani. Izingane ziyakuthanda ukufundela emakhaya ngoba zisendaweni eziyijwayele. Akumele uhulumeni usikhethele okumele sikufundise noma sichaze ukuthi izingane sizifundisani,” kusho abantu abaningi abebephawula bechitha ukuthi kumele bachaze kabanzi ngabakufundisa izingane emakhaya.
UMnuz Mbuyiselo Myeza uthe bayaweseka lo mthethosivivinywa ngoba izigungu zezikole bezichitha abantu abamnyama ezikoleni zabamhlophe.
“Siyavuma ukuthi isikole siqale kwaGrade R ukuze othisha bakhona bahole njengabanye njengoba behola amakinati eKZN. Sifuna kube nokulingana uhulumeni angamele yonke into.”
Kukhalwe nangokuvalwa kwezikole ezehlelwa isibalo njengoba zibalelwa ku-255 ezizovalwa kulo nyaka esifundazweni ngoba abafundi kuzodingeka baye ezikoleni ezikude.
Kuchithwe eyokudayiswa kotshwala uma kunemicimbi yokuqongelelela isikole imali.
Kuphinde kwakhalwa ngokuthi umthetho awuthi vu ngokuthi umfundi uqondiswa kanjani njengoba induku yavalwa.
Kuchithwe namandla amaningi anikwe izigungu zezikole ezinquma ulimi lokufunda nokufundisa kanjalo nokuthi kube yilesi sigungu esinqumayo uma isikole sesigcwele njengoba kumele amandla anikwe inhloko yomnyango esifundazweni.
UMnuz James Ndlebe obhekele ukuphathwa kwezikole nezifunda emnyangweni wemfundo eyisiSekelo, uthe ezinye zezinto eziqukethwe umthethosivivinywa ngukuthi labo abavimbela abafundi ukuthi bafunde kumele babhekane nomthetho.
Uthe imiphakathi ehlukene uma inezinkinga ibhodlela ezikoleni izivale ngoba ikhala ngezidingo.
“Kanjalo nezigungu zezikole uma kunezinkinga, ezinye zazo zimane zivale izikole. Yingakho kunesigaba esikhuluma ngokuthi abaphazamisa ukufunda kumele baboshwe bakhokhe inhlawulo noma baboshwe.”
Ubalule nokuthi izigungu zezikole kuzodingeka zilethe imibiko ethinta imali njalo ngekota njengoba okwamanje ziletha le mibiko kanye ngonyaka.
USihlalo wekomiti uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, uthe bahambela izifundazwe ezehlukene befuna ukuphawula komphakathi njengoba izethulo ezibhaliwe sebazamukela.