‘ABANTU abaningi bayafisa ukungena ebhizinisini kodwa bayesaba ukuthola impendulo ebachithayo.’
Lokhu kushiwo nguNksz Lynette Ntuli oyisikhulu esiphezulu se-Innate Investment Solutions, obekhuluma esigcawini ngebhizinisi lokuthuthukisa izakhiwo, okuyisihloko esiyingxenye yombukiso wamabhizinisi, iDurban Business Fair (DBF), ehlelwe wuMasipala weTheku, e-International Convention Centre (ICC) eThekwini, eqale ngoLwesibili, ephela ngeSonto.
UNksz Ntuli uthe ziningi izinto ezisabisa abantu uma kukhulunywa ngamabhizinisi afana naleli, wathi abanye besaba nokusondela emabhange ngoba bazi ukuthi amagama abo angcolile kanti amabhange ayakubheka lokho kodwa okubaluleke kakhulu kuwona ukuthi wenzeni ngezikhathi usubishe ezikweletini ukuze ukhokhe izikweleti zakho.
"Ibhange lifuna ukubona ukuthi imali elikuboleke yona uzoyikhokha yini, lokho kuvela ngokuthi wenzanjani uma usubishe ezikweletini. Uyaya kobakweletayo ubanike amasu onawo wokuthi uzobakhokhela kanjani noma uyabaleka.
“Ungajahi ukuthi ukuthi uvalelwa ngaphandle, abantu abasemabhange abanaso leso sikhathi babona abantu abaningi kabi, kungani bengakhetha ukuvalela wena ngaphandle.
“Uma ufake isicelo somsebenzi lindela ukuthi kungenzeka uchithwe, lokho akusho ukuthi uyazondwa ingoba kunezinto ongazenzanga kahle, kuwumsebenzi wakho ukuthi uyobuza ukuthi yini eyenze ukuthi uchithwe ," kusho uNksz Ntuli.
Uqhube wathi kubalulekile ukuthi uma uqala ukuba nemali kade uhlupheka uthole ukwelulekwa ngoba imali ozoyithola uzoyisaphaza ngoba uyaqala ukuphatha imali.
UNkk Thobe Ndlovu onenkampani yokwakha iThuthuka Trading, uthe into eshaya abantu uma kukhulunywa ngamathuba amabhizinisi wukuthi bacabanga izinto eziphezulu bangabheki ukuthi yini edingekayo lapho bekhona.
"Njengamanje abantu abakha izithabathaba zemizi ezindaweni zamakhosi, kulezo zindawo kudingeka izitolo nezinye izinsiza. Ithuba lokuthi ezinye izinhlanga zingene zivule ama-tuckshop livulwa yithi ngoba thina asiboni ukuthi yibhizinisi lelo, sifuna izinto ezinkulu asifuni ukuqala phansi bese siyanyuka.
“I-Property Development yibhizinisi elithintene nomhlaba noma amabhilidi, akusho ukuthi nawe sekumele ube nebhilidi ," kusho uNkk Ndlovu.
UNkk Manini Mbongwa wenkampani yokwakha, Umsebenzi Wokwakha, uthe okubalulekile wukuthi uma uhamba ukwazi ukubona ukuthi yini edingekayo kuleyo ndawo, ngoba ibhizinisi wukuletha leso sidingo esidingwa wumphakathi wakuleyo ndawo.
UNksz Nosipho Ndlela weThala, uthe ibhange Ithala lakhelwe ukuthuthukisa osomabhizisini, ngakho osomabhizini kumele basondele noma ngabe bake bacwila ezikweletini ngoba zikhona izindlela zokubasiza ngemali yokuthuthukisa amabhizinisi abo noma ngabe mancane kangakanani.