ABANTU besifazane ababhukule balwele umhlaba bangalokhu belwela izinto ezincane ezifana namathoyilethi nezindlu ngoba zingadilika baphinde babuyele emgwaqweni beyolwa. Mabalwele umhlaba ngoba wona awuyi ndawo.
Lokhu kushiwo umengameli wenhlangano yabesifazane abangabalimi, iWomen in Agriculture and Rural Development (Ward), uNksz Maureen Magubane, ngesikhathi kunesigcawu sabesifazane sokubonisana ngezindlela ezingasetshenziswa ukuze abesifazane bathole umhlaba, ebesiseThekwini, izolo.
UNksz Magubane uthe sekukaningi ebona abantu besifazane begcwele izitaladi bekhala ngamathoyilethi noma ngezindlu kodwa ayikho imashi aseke wayibona abesifazane befuna ukunikezwa umhlaba.
“Singabantu besifazane sicindezelekile ngasohlangothini lokunikezwa amalungelo omhlaba. U-80% wabasebenza emapulazini kuleli yithina kodwa uma sekubhekwa ukuthi ngobani abanikazi bomhlaba, u-1% kuphela wabantu besifazane abangabanikazi bomhlaba. Le nto isitshela ukuthi kusamele sibhukule silwe, silwele amalungelo ethu. Njengamanje kulukhuni satshe ukuthi umuntu wesifazane athole isiza emhlabeni wamakhosi. Uma engenayo indoda kudingeka abe nendodana okuyiyona ezomumela. Njengamanje kukhulunywa ngokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Uma lungekho uhlelo oluqondene nathi singabantu besifazane sizophinde sisale ngemuva futhi nakulona. Sifuna uhulumeni achaze ukuthi ingxenye engakanani yomhlaba ezokwabelwa abesifazane,” kusho yena.
UDkt Hlengiwe Mkhize, iNational Convenor yeProgressive Women Movement of SA, uthe iNingizimu Afrika ichazwa njengelinye lamazwe anokungalingani okukhulu ngokobulili.
UDKT Hlengiwe Mkhize oyiNational Convener yeProgressive Women Movement of SA (PWMSA)
Uthe le nhlangano imele ukuqinisekisa ukuvikela abesifazane odlameni olubhekiswe kubo, ukuqiniseka ukuthi abesifazane bayafunda, bayahlomula kwezomnotho nokubatshela ngamathuba ezomnotho akhona.
Izolo uthe inhloso enkulu yabo ukuzochazela abesifazane ngamathuba akhona kwezolimo nokuthi umhlaba ubaluleke kangakanani.
UNKK Nompumelelo Mhlongo
UNkk Nompumelelo Mhlongo wophiko olubhekele ukukhiqizwa kokudla, iFood Security, eMnyangweni wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi wasemaKhaya kulesi sifundazwe, uthe ukusebenza umhlaba kuqala ngokusebenzisa igceke onalo, uma selilincane bayakusiza ukuthi uthole isiqeshana esingaphezulu kwaleso onaso kwamasipala bakusize ukuze ukwazi ukukhiqiza ngoba inhloso yabo wukuthi wonke umuntu azikhiqizele ukudla azokudla nomndeni wakhe.