SESIKHUPHUKELE kwabahlanu isibalo sabasolwa ababoshelwe icala lokubulawa kowayephakanyiswe yi-ANC kwesobukhansela eThekwini, uMnuz Siya Mkhize.
UMkhize walunqoba esekobandayo ukhetho laku-ward 101, kuMasipala waseThekwini, kwaphoqa ukuthi kuyiwe okhethweni lokuchibiyela.
Owangena esikhaleni sikaMkhize, uMnuz Mzimuni Ngiba (46) owawina waba yikhansela, ongomunye wamadoda amahlanu aboshelwe uxhaxha lwamacala okukhona nelokubulawa kukaMkhize.
UMkhize wadutshulwa wabulawa ngo-Okthoba 2021, benoMnuz Mzukisi Nyanda ngesikhathi bekhankasela ukhetho eCato Crest.
Abasolwa okungoMnuz Nkosinathi Ngcobo (38), Sandile Mzizi (40), uNgiba, uSifiso Mlondo (37) noPhathesakhe Ngiba (25) osanda kwengezwa ecaleni, bavele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo.
Abashushisi kuleli cala elithinta ipolitiki, o-Advocate Lawrence Gcaba no-Advocate Elvis Gcweka, badlulise uhlu lwamacala athweswe abasolwa kubameli babo.
Imantshi uMichael Lasich ibe isilihlisela uFebhuwari 28, ngonyaka ozayo, icala.
Ngalolu suku, abasolwa bayobuya sebezovela eNkantolo eNkulu yaseThekwini, bese kwenziwa izingxoxo zokulungiselela ukuqala kokuqulwa kwecala.
Abasolwa bathweswe amacala okukhona elokwakha itulo lokubulala, amabili okubulala, awokuzama ubulala, elokuphatha isibhamu esingekho emthethweni nelokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
UMbuso uthi ngesikhathi sesigameko, kwakunezinhlangothi ezimbili ze-ANC ezazingabhekani kule ward okuyi-Unity and Continuity (U&C) kanye ne-Renewal Rebuilding Unity (RRU).
Kusolakala ukuthi abasolwa, ababesohlangothini i-RRU, babekade bengenelisekile ngokuphakanyiswa kukaMkhize kwesobukhansela.
Kusolakala ukuthi ngo-Okthoba 15, ngo-17:20 ntambambama, uMkhize noNyanda babehlezi ezihlalweni ezingemuva emotweni iNissan Navara ngaphambili kuhlezi ababili abasinda ngokulambisa.
UMbuso uthi uNgcobo benoNgiba (Phathesakhe) baqhamuka bephethe izibhamu badubula bebhekise ebantwini ababehlezi kule moto, kwashona ababili.
Izolo, uNgcobo ongumsolwa wokuqala, ulaxazwe wummeli wakhe obebamele benoNgiba (Mzimuni). Ummeli, u-Advocate Roshan Dehal, utshele inkantolo ukuthi usezomela uNgiba kuphela.
UNgcobo ube esecela inkantolo ukuthi usefaka isicelo sokusebenzisa ummeli wamahhala.
Abasolwa abane phambilini benqatshelwa ibheyili base begcinwa ejele eBongweni, eKokstad.
UNgiba (Phathesakhe) uzotoka esiteshini samaphoyisa saseDurban North emuva kokuvela ukuthi kunelinye icala alihambayo.
Imindeni yabo nabameli babekade bekhale ngokuthi kubathatha isikhathi eside ukufinyelela eKokstad, uma besuka eThekwini bese bebona abasolwa isikhathi esincane. Bathi lokhu kwenza kube nzima ukulungiselela icala.