UKUDAYISWA kwezikhala zothisha ezikoleni zakuleli, othisha abalala nabafundi, wudlame oludla lubi ezikoleni, ngezinye zezinto ingqungquthela yeSadtu enqume ukuthi kumele zisukunyelwe ngokushesha.
Evala iNational General Council izolo umengameli weSadtu, uMnuz Magope Maphila, uthe kumele uqedwe umkhuba wokudayiswa kwezikhundla.
Uthe akukwazi ukuthi bangahlale beshumayela ivangeli lokuthi kuliwe nenkohlakalo kodwa kukhona abanye enyunyaneni abasaqhubeka nalo mkhuba.
“Lesi sihlava kumele sikhucululwe unomphela. Kumele kuliwe nenkohlakalo ngoba ilimaza umkhakha wezemfundo.”
Uthe kumele kuliwe nodlame ezikoleni, kusizwe uMnyango weMfundo eyiSisekelo ngezinto ezithinta ukukhulelwa kwabafundi, ukuphepha ezikoleni ngoba okwamanje othisha bayahlaselwa, nokulaxaza isikole kwabafundi bengaqedile ukufunda.
“Lezi ngezinye zezinto okumele sifake isandla, ikakhulu ezithinta isihlava sokukhulelwa kwabafundi njengoba ziphezulu izibalo zabakhulelwayo, kanjalo nalabo abalaxaza isikole bengasiqedile, bese beyobhuquza emakhaya bandise esibalweni sabangasebenzi ezweni.”
Uthe akumele abasebenzi bahlukane phakathi uma kungukuthi iSACP igcina inquma ukungenela ukhetho ngokuzimela.
“Lesi sinqumo se-SACP uma sigcina ngokuthi siphumelele, akumele sisihlukanise phakathi. Kumele kubizwe ingqungquthela yokubhunga ngaso uma iSACP igcina ngokuthi ilungenele ukhetho njengokwesivumelwano engqungqutheleni yeCosatu.”
Ubalule nokuthi kumele yesekwe i-ANC njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelonke ngo-2024.
“Uma singayeseki i-ANC sizoba senkingeni enkulu esiyozisola ngayo. Kumele seseke i-ANC, siyiqinise ukuze iwine ukhetho.”
Efunda izincomo zengqungquthela uNobhala jikelele wenyunyana, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe kumele kube nezinguquko ohlelweni lokufunda ezikoleni, ukuze kwakhiwe amakhono amasha entsheni.
Uthe bayahambisana nokuthi kube nezifundo ezintsha, okubalwa ezithinta ukuguquguquka kwesimo sezulu ukuze abantu bazi ukuthi yikuphi okumele bakwenze uma kuhlasele izikhukhula, ezihlasele KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape ngo-Ephreli.
“Indaba yokucishwa kukagesi iyinkinga ngoba iyaphazamisa ezikoleni. Igxekwe kakhulu neyokubulawa kothisha ezikoleni ngakho kumele isukunyelwe yizinhlaka ezehlukene nomphakathi ubambe iqhaza.”
Ekhuluma engqungqutheleni uNobhala jikelele weCosatu uMnuz Solly Phetoe, uthe abayinqabelile iSACP ukuthi ingenele ukhetho ngokuzimela njengoba bengamadlelandawonye, bevotela futhi beseka i-ANC.
Ubalule nokuthi asikho isinqumo esithathwe engqungqutheleni yeCosatu, ukuthi kulaxazwe i-ANC ingasekwa, wathi amalungu athi acela ukunikwa ithuba ayibhunge eye-SACP uma isinqume ukuthi ingenele ukhetho ngokuzimela.