UMGUBHO wosuku lwamalungelo abantu obekukhunjulwa kulona abangu-69, ababulawa ngumbuso wobandlululo esibhicongweni sango-1960 eSharpeville eGoli, luphenduke inkundla yokugxeka uhulumeni kaMengameli Cyril Ramaphosa, okwenziwe abaholi abahlukene bamaqembu ezombusazwe.
Laba baholi bebekhala ngokuthi kuze kwadingeka ukuthi bangene ngenkani emalibeni okungcwatshwe kuwona lezi zinkumbi ezafa embhikishweni wokulwa nokuphathwa kwamapasi ngoMashi 21, 1960.
Abaholi okubalwa owePAC uMnuz Mzwanele Nyhontso, owe-Action SA uMnuz Herman Mashaba, oweBuild One South Africa uMnuz Mmusi Maimane, uMnuz Ace Magashule we-African Congress for Transformation (ACT), owe-Azapo uMnuz Nelvis Qekema, babhikishe ngaphandle kwenkundla iGeorge Thabe obekubanjwe kuyona lo mgubho.
Bagxeke uhulumeni ngokufaka ubukhazikhazi okubalwa okhaphethi ababomvu ugubha lo lusuku ekubeni ngabe ulisebenzisela ukukhumbula labo abasala enkundleni.
Laba baholi bathe kudingeke ukuthi baze bangene ngenkani emalibeni ngoba akuwona awe-ANC kodwa iPAC eyaqhamuka nalo lusuku.
“Safelwa izishoshovu ngaloluya suku. Asilugubhi lo lusuku kodwa sisuke sikhumbula abasishiya, belwela umzabalazo. Kuyichilo okwenziwa nguhulumeni ngoba kuza umengameli wezwe bese kufakwa okhaphethi ababovu, siphinde sivinjwe ukungena,” kusho uNyhontso.
Uthe bameme amaqembu anomqondo ofana nowabo ukuzogubha lolu suku.
UQekema ugxeke ukubizwa kwalo lusuku ngolwamalungelo ekubeni kumele kuthiwe usuku lwaseSharpeville.
“Sizohlangana okhethweni sikhiphe i-ANC emandleni singamaqembu ahlukene. Sifuna lo lusuku lubuyele kwiSharpeville ngoba asazi lwashintshelwani.”
Nabanye abaholi bahambe emazwini kaQekema okuthi kumele kubuyelwe ekutheni usuku lwaseSharpeville.
Ethula inkulumo yosuku uRamaphosa ugxeke umbuso wobandlululo wathi waletha inhlupheko yeminyaka kubantu bakuleli ikakhulu kwabamnyama.
Uthe kuningi osekwenziwe nguhulumeni ukubakhipha ebubheni.
“Abantu sebenezindlu, banogesi, amanzi, bathola isibonelelo, bafunda mahhala nokunye. Inkinga yokucishwa kukagesi, simatasa nayo, sizoqeda ngayo.”
Uthe abantwana abavela emindenini ehlwempu sebeyasiphothula isikole, baze bayofunda emanyuvesi.
“Sesikwaze ukubuyisa umhlaba ongama-hektha angu-4 million kubantu ababephucwe lo mhlaba. Sesikwaze ukubuyisa omunye ongu-5 million wama-hektha kwabasebenza kanjalo nabahlala emapulazini.”
Uveze ukuthi izingane zithola izibonelelo, ziyadla ezikoleni mahhala wathi abangatohozi nabo bathola isibonelelo.
“Yize sisephezulu isibalo sabangasebenzi kuleli, kodwa sesikwazile ukunyusa izinga labasebenzayo cishe ngohhafu eminyakeni engu-30 kuleli. Siyaqhubeka nezinhlelo zokuqasha abangasebenzi kuleli.”
Uthe iningi labesifazane lithola amathuba njengoba u-60% wabasebenzi bahulumeni abesimame.
Uveze ukuthi kumele kuqiniswe izinhlelo zokugcina abafundi besezikoleni baze baphothule u-matric.
Kube nokuphazamiseka kwenkulumo kaRamaphosa ngesikhathi ama-generator ethatha isikhathi eside ukudonsa, okwenze abanye abebethamele lo mgubho bacule amaculo ahlukene okweseka i-ANC.
Khonamanjalo uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, uhloniphe ababhubha kulesi sibhicongo wathi bangamaqhawe alwa ukuze abantu bakhululeke.
Unxuse abantu bakuleli ukuthi babukele kula maqhawe wathi kumele kuliwe nesihlava sokubulawa kwabesifazane.