KUGXEKWE uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngokuchitha uR18 million, ngamakilasi angomahamba nendlwana ayengekho esimeni sokuthi kufundelwe kuwona abafundi emva kwemvula eyakhahlameza lesi sifundazwe.
Umbiko othulwe nguNksz Vanuja Maharaj, inhloko yocwaningo kuMcwaningi maBhuku Jikelele, ekomitini lezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ePhalamende kuleli sonto, uveze ukuthi amanye amakilasi angomahamba nendlwana akhiwa endaweni engafanele kanti ayengakulungele ukuthi kungafundelwa kuwona.
Uveze ukuthi emakilasini angu-16 kwangu-53 angomahamba nendlwana abawahlola, bathola ukuthi ayengakulungele ukuthi kungafundelwa kuwona.
“Amahlanu awo akhiwa endaweni engaqondile, elilodwa lakhiwe eduzane newa elalingaguguleka noma inini. Ikilasi ngalinye lalibiza uR249 440, lizofundela abafundi abangu-40. Ikhishi ngalinye libiza uR187 130 lilodwa, kanti sekukonke kwakuzodla uR18.83 million.”
Zingu-356 izikole ezakhahlamezeka, umnyango wesifundazwe owathi kuzobiza uR235 million, ukuzilungisa.
Ukulungiswa kwazo kwakumele kuqale ngoSepthemba, nyakenye.
“Amakilasi ayedingeka ezikoleni ezingu-26 ezifundeni uMlazi, Pinetown nasoGwini. Esikoleni iBrettenwood High, okungesinye sezikole esakhahlamezeka, sathola ukuthi noma kwashesha ukwakhiwa kwamakilasi kodwa akhiwa endaweni ebesike yaguguleka.”
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo kuleli, uNkk Angie Motshekga, wavakashela lesi sikole emva kokuba ingxenye enkulu yaso yagcwala amanzi njengoba kwangenisa umfula kusona.
USihlalo we-EFF esifundazweni, uMnuz Mongezi Thwala, uthe bakhathazekile ngombiko kaMcwaningi maBhuku ngokuthi kwathengwa amakilasi angekho esimeni.
“Kuyacaca ukuthi uNgqongqoshe wezeMfundo, uNkk Mbali Frazer, usephinde wahluleka ukwenza umsebenzi wakhe. Umnyango waphinde wadukisa uMcwaningi maBhuku ngokuthi uthi amakilasi angu-16 aphelile ekubeni ayengaphelile, ngakho kumele abaqamba amanga bathathelwe izinyathelo ngoba kuyicala ukuqambela abacwaningi mabhuku amanga.”
Uthe umnyango awukwazi ukuqhubeka nokuvala izikole ube usahluleka ukulungisa amakilasi ezikoleni ezakhahlamezeka.
Usihlalo wekomiti lasePhalamende, uMnuz Fikile Xasa, uthe umbiko uveze ukuthi kuhamba kancane ukukhishwa kwemali eyabelwe le nhlekelele.