KUGXEKWE i-ANC KwaZulu-Natal, ‘ngokugxambukela’ ohlelweni lokudla ezikoleni, ngokuhambela phambili uMnyango wezeMfundo ukuthi unqamule inkontileka yenkampani ebithole ithenda yokuhlinzeka ngokudla ezikoleni nomnyango wase ushesha ulandela lo myalelo emuva kwalesi simemezelo.
Amalungu esiShayamthetho sesiFundazwe emhlanganweni izolo, abuze ezikhulwini zomnyango ukuthi kungani kwalindwa uNobhala we-ANC, uMnuz Bheki Mtolo, ukuthi amemezele esithangamini abenaso nabezindaba ngeledlule ayeyalela lezi zikhulu ukuthi zinqamule ngokushesha inkontileka yePacina Retail.
Athe emuva kwalesi sithangami umnyango wabe usuthumela isitatimende sokuthi usuyinqamulile waze wathumela nesekhula ezikoleni yokuthi kuzoqhubeka ngendlela endala okwakwenzeka ngayo yokuthi abaphakayo bazithengele bona ukudla.
UMnuz Mntomuhle Khawula we-IFP, ubuze koyinhloko yomnyango ukuthi kungani kwalindwa i-ANC yenze lesi simemezelo ngaphambi kokuba umnyango uyinqamule?
Uthe kumele ngabe njengenhloko yomnyango ‘uzimele ungaphenduli kwi-ANC ngoba usebenzela uhulumeni’.
“Sifuna izimpendulo ngalolu daba ngoba akumele uphendule eqenjini elibusayo.”
Nelungu le-DA, uDkt Imran Keeka, ugxeke ukugxambukela kwe-ANC kulolu daba njengoba nombiko othulelwe leli komiti uveze ukuthi kwalindwa uKhongolose ngaphambi kokuba umnyango wazise izwe.
“I-ANC ifake unyawo kulolu daba. Yinto engamukelekile le sizobikela uMvikeli woMphakathi ‘ngokugxambukela’ kwe-ANC kulolu daba,” kusho uKeeka.
UNksz Vuyiswa Caluza we-ANC, uvikele le nhlangano wathi obhale lo mbiko ubefuna ukubeka kabi le nhlangano.
Uthe bafuna umbiko ogcwele uma sekuphothulwe uphenyo ngokwenzeka.
UMnuz Nathi Ngcobo inhloko yomnyango, uthe akulona iqiniso ukuthi balinda i-ANC ngaphambi kokumemezela.
Uthe ngesikhathi kwenziwa lo mbiko batshela ababewenza ukuthi kumele bakususe ukuthi benza isimemezelo sokunqamula inkontileka, emuva komyalelo we-ANC.
“Siyayibheka imibono, lixhoshwa libhekile. Ngase ngivele ngiyicabangile eyokuthi sinqamule inkontileka nale nkampani.”
UNgcobo uthe kabakakhokhi nesenti kwiPacina ngokudla ekuhambise ezikoleni.
“Kusazoba nempi ngoba sizolinda umbiko ngezinto ezahanjiswa ezikoleni. Sizosusa nenye imali yezinto okwakumele zithengwe le nkampani engazange izithenge.”
UNgcobo usho lokhu nje emva kokuba usihlalo wekomiti, uMnuz Sfiso Sonjica, ebuze ukuthi kuthiwa kunemali enguR55 million, le nkampani efuna ukukhokhelwa yona ngomsebenzi esiwenzile.
Amalungu afune ukwazi ukuthi le nkampani ihluke ngani kunezinye njengoba ezinye zikhokhelwa ezinsukwini ezingu-30, ziphothule umsebenzi.
UNgcobo ukhale ngokuthi ezinye zezinto le nkampani eyayithembise ukuthi izozenza yahluleka, yingakho bezobheka kabanzi ngaphambi kokuthi bayikhokhele.
Uthe izikole eziningi ziveze ukuthi zikutholile ukudla njengoba nongqongqoshe abaningi bebekanise ezifundeni ezehlukene bebheka ukuthi kuyadliwa.