UMphathiswa wezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, usenxuse amalungu omphakathi ukuba alekelele amaphoyisa ngolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa ngokubulala uMnuz Jeffrey Zikhali, owayengumethuli wezinhlelo zemidlalo emsakazweni nakwithelevishini.
UZikhali owayengumethuli wezinhlelo kwiRadio Khwezi, eTV, SABC wabuye wasebenza njengomkhulumeli woMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya eKZN, udutshulwe ngoLwesihlanu ebusuku eMpangeni.
UHlomuka uthe amaphoyisa aphansi phezulu athungatha abasolwa okuthiwa babaleke nemoto kaZikhali.
“Siyakugxeka ukubulawa kukaMnuz Zikhali futhi sinxusa amalungu omphakathi ukuba alekelele amaphoyisa ngolwazi ukuqinisekisa ukuthi abasolwa bayaboshwa. Amaphoyisa ahlonza izindawo ezinezinga eliphezulu lobugebengu ukuze kwenyuswe isibalo samaphoyisa kulezo zindawo ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwabantu esifundazweni sethu.”
Uthe amaphoyisa aseqinise nomkhankaso wawo wokushaqa izibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni ezigebengwini.
UHlomuka ugcizelele ukubaluleka kokuthi wonke umuntu abambe iqhaza ukuze kuliwe nobugebengu emiphakathini.
Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini kaZikhali.