KHETHA SANGWENI
UGWETSHWE iminyaka engu-55 umlisa obewungqondongqondo wokwebiwa kwezimoto zeqiswe umngcele zibheke kwamanye amazwe.
INkantolo yesifunda eNgwavuma, igwebe uVusi Amos Zulu Malwane (44), emuva kokuthi elahlwe yinqwaba yamacala ahlukene. UMalwane ulahlwe yicala lokuthumba lamgweba iminyaka eyisithupha, ukubamba inkunzi ngesihluku elimgwebe iminyaka engu-30.
Ulahlwe nayicala lokuphatha isibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, wathola iminyaka engu-15.
UMalwane ugwetshwa nje, wayeke waboshwa weqa esitokisini ngo-2014, wase ephinda eboshwa eManguzi ngoMeyi nonyaka. Kusho ukuthi uMalwane weqa wahlala ngaphandle iminyaka ecela kweyisishiyagalolunye ecanasa ngaphandle engabanjiwe. Inkantolo igwebe uMalwane iminyaka emine ngecala lokweqa esitokisini.
Kuthiwa bese kunesikhathi eside uMalwane ehola ithimba lezigebengu ezithatha izimoto zabantu zizibhekise eMozambique.
UMkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola usemukele isigwebo, wancoma amaphoyisa ngokusebenza kwawo. Uthe kunethimba elijutshwe ukuyosebenza indaba yobugebengu koNgwavuma athe umsebenzi walo usuyabonakala. Uthe ithimba lamaphoyisa liyaqhubeka nomsebenzi walo njengoba kukhona abanye abasolwa ababoshwayo, amacala abo ayaqulwa.
Uthe izimoto ezingu-37 bakwazile ukuzithola zabuyela kubanikazi, babamba izibhamu ezingu-27 nezinhlamvu ezingu-321.