KUGQUGQUZELWE ukuthi abantu bahambele izindawo zokugcebeleka zasemalokishini. Lo mcimbi obuhlelwe uMkhandlu weTheku ububanjelwe endaweni yokungcebeleka i-Silokazi eseNanda ngempelasonto.
Lo mcimbi obubizwa ngokuthi i-Sizzling Summer ubuhanjelwe abaholi abehlukene bakulendawo neMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda.
Imeya inxenxe abantu ukuthi bavakashele izindawo ezisemalokishini ukuze umnotho usebenzele wonke umuntu njengemidlalo.
Iphawula ngobugebengu imeya ithe njengoba sekuza isikhathi samaholidi, amakhamera azolungiswa maduze.
Iphinde yathi amanzi aseThekwini aphephile futhi kunocwaningo olwenziwe iNyuvesi yase Durban nenkampani yezindaba iNews 24.
Abantu abebehambele lo mcimbi bathole ithuba lokundiza ngendiza enophephela emhlane, ukugibela umkhumbi nezithuthu bavala ngokupotopotozwa komzimba.
UNksz Ntombi Mtolo uthe lo mcimbi ubumuhle kakhulu futhi uhlelekile.
"Kuyangijabulisa kakhulu ukubona imeya yethu uMnuz Mxolisi Kaunda ivakashele izindawo ezisemakhaya ngoba lokhu kuveza ubuhle bazo zonke ezokungcebeleka nokuvakasha," kusho uNksz Mtolo.
UNksz Slindile Ngidi waseNanda uthe ukuza kulendawo kumvule amehlo ngezinto abengacabangi ukuthi zikhona kule ndawo yaseNanda.
"Bengingazi ukuthi ngingagibela indiza ngiphinde ngibukele indawo yangakithi, ngijabule kakhulu," kusho Nksz Ngidi.
UNksz Neli Khumalo onebhizinisi lokungcebeleka I-Magece Trading And Enterprise uthe ulibukile ibhizinisi ebekubanjelwe kulo lomcimbi walithanda kodwa yena ngokwezimali angeke akwazi ukuba nebhizinisi elifanayo yize noma ekufisa lokho.
"Ngigqugquzelekile ukuthi ngithuthukise elami ibhizinisi ukuthi libe sezingeni eliphezulu yize noma ngingakabi nazo izimali zokulenza libe likhulu kangaka," kusho uNksz Khumalo.