INHLANGANO eqoqa igazi, iSouth African National Blood Service (SANBS) isigqugquzele abantu ukuba banikele ngalo njengoba lehlile kakhulu ezinqolobaneni zayo.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba i-SANBC iveze ukuthi izobe ikanise ezindaweni ezihlukene, ikakhulukazi ezinxanxatheleni zezitolo ukuze ithole igazi elizohlenga impilo yabantu.
UNkk Thandi Masupye oyimenenja yezokukhangisa nokuxhumana e-SANBS, uthe igazi elisezinqolobaneni zabo liyancipha ngoDisemba njengiba kusuke kuvalwe izikole, izikhungo zemfundo ephakeme kanjalo nezimboni lapho baye baqoqe khona igazi.
Uthe ukungabi bikho kwegazi elanele kunomthelela omubi kubantu abasuke belindele ukufakelwa igazi ezibhedlela nalabo abalimele kanzima ezingozini zomgwaqo nasezigamekweni ezihlukene.
Ucele abantu abaneminyaka ewu-16 kuya ku-76 abaphile kahle, abanesisindo esiqala ku-50kg nangaphezuku ukuba banikele ngegazi.
Ukunikela ngegazi, uveze ukuthi kuthatha amaminithi awu-30 futhi kuphephile.
Ukhumbuze abantu ukuthi iphayinti ngalinye legazi abanikela ngalo lihlenga impilo yomuntu osuke esengcupheni yokufa uma engalitholi.
Uthe abantu ukuthi bangakwazi ukubhalisa kwikhompyutha ukuze banikele ngegazi njengoba sebenohlelo lokugcwalisa amafomu ngekhokhompyutha.
Abantu bangavakashela nebalazwe elikhombisa ukuthi ikuphi indawo eseduze nabo yokunikela ngegazi ngokungena kwi-map etholakala kwi-website ye-SANBS. Bangashayela ne-0800 11 9031 ukuthola eminye imininingwane noma bangene ekhasini le-SANBS ezinkundleni zokuxhumana.