KUGQAMA ubuxoki nobuphixiphixi kubungani bukaSenzo Meyiwa noTumelo Madlala.
Lokhu kuvele ngesikhathi u-Advocate Zandile Mshololo ebuzisiza udaba lwemali ayikhokhelwa ngabakwaNetflix ngokubadayisela izithombe zikaSenzo. UMshololo ubuze uMadlala ukuthi ngabe imali ayithola kule nkampani eyayenza iqophamlando ngoSenzo, wayihlephulela ingane noma ingoduso kaSenzo.
Ubhavumule ngolaka uMadlala wathi akasibonanga isidingo sokuhlephulela ingane kaSenzo ngoba inonina wayo oyondlayo futhi nabakubo kaSenzo yibona abekumele babhekelele inhlalakahle yayo.
“Akekho engamhlephulela kule mali engayithola ngisho nabasekhaya kangizange ngibanike,” kusho uMadlala.
UMshololo uqhubekile wabuza ukuthi ngabe lobu bungani abuchaze njengobukhulu, buphele ngokufa kukaSenzo na uma engakwazi nokucabangela ingane yakhe yize esethole imali ngezithombe zikayise?
Yize uMadlala wale waphetha ukuveza ukuthi wakhokhelwa malini kodwa namhlanje uveze ukuthi wakhokhelwa esandleni.
Ubufakazi bukaMadlala kuleli cala kushiye abaningi bekhathazekile ngobungani babo. Babodwa abasola uMadlala ngokufuna udumo ngokusondelana noSenzo kodwa engamthandi ngeqiniso.
Thuso Fongolwana: Ibuhlungu le nto eyenziwa yilo mfana ngoba uyaziveza manje ukuthi wayengeyena umngani weqiniso kuSenzo kodwa ngiyamethemba uMshololo uzobuveza ubunja balo tsotsi.
Simphiwe Mkhize: Ngiyazi injena-ke mina into ekuthiwa umngani, futhi indlela akhefuzela ngayo nokukhuluma kwakhe kuyasho ukuthi ubaleka neqiniso.
Nomusa Mavuso: Ngiyamesaba umngani, uyadayisana ngenxa yemali nje kuyazicacela ukuthi wafumbathiswa lo mngani kaMeyiwa.
MaVundla KaNgcobo: Umngani eseshonile wabona kufanele ashushumbise izithombe zikaSenzo wazidayisa wathola imali wanganika abakubo. Wayinikwa ubani imvume yalokho? Uyalazi iqiniso lo, uthengiwe nje.