KUKHALWA ngobugebengu obuxakile bokubulawa kwabantu okuthiwa kwenzeka ehostela KwaMashu nasemijondolo elizungezile.
Kuleli hostela kusanda kubulawa ngokudutshulwa amadoda amabili aneminyaka engu35 nengu-45, okuthiwa abanjwe inkunzi ekhonjwe ngezibhamu.
Isehlakalo senzeke ngeledlule emgwaqweni uMsindazwe ngo-8.30 ebusuku. Silandela isigameko esenzeke entathakusa ngoLwesithathu, okubulawe khona ngokudutshulwa owesilisa oneminyaka engu-57 eduze kwendlu yakhe emgwaqweni uZamani, emijondolo yaseShayamoya.
Amaphoyisa athi umufi ubenamanxeba amaningi okudutshulwa emzimbeni. Eduze nendlu okubulawele khona le ndoda, kungqongqiswe ngomlilo amadoda amabili ashona ephakathi emotweni abehlezi kuyona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uziqinisekisile izigameko, wathi amaphoyisa aKwaMashu avule amacala okubulala aphenywayo.
Umthombo ozithamunda njengoba zinjalo ezenzeka KwaMashu, uthi njengoba izitimela zingasebenzi, abahlala kule ndawo bayinyama ezigebengwini ekuseni nantambama.
Uthi kumele kwandiswe isibalo samaphoyisa azophithiza ehostela ngoba kubukeka budlanga ubugebengu nasezindaweni ezizungezile.
“Nsuku zaphuma kuba nomuntu obanjwa inkunzi, olinyazwayo noma obulawayo ehostela laKwaMashu. Zimandla kakhulu izigameko zokubulawa kwabantu ngempelasonto. Nabantu abasuke behla ezintweni ezithutha umphakathi basuke bezokwenziwa isilo sengubo yizinswelaboya ezibalinda eShayamoya,” kusho umthombo.
Ikhansela lale ndawo eholwa yi-IFP, uMnuz Mzwethu Gwala kalitholakalanga ukuthi liphawule.
Okhulumela Ubunye bamaHostela, uMnuz Mthembiseni Thusi, uthe unxenxe abeTransnet ukuba basheshise uhlelo lwabo lokubuyisela izitimela ukuthi zisebenze.
Uphinde wanxusa uMasipala weTheku ukuthi uqinisekise ukuthi ayakhanya amalambu ezigxotsheni zasemigwaqweni ebusuku.
“Ubugebengu buphakama kakhulu ezinyangeni zokuphela konyaka lapho izigilamkhuba zisuke zifuna imali yokubuyela emakhaya ziyohlangana nemindeni yazo. Uhulumeni kumele ngabe kade aqhamuka nohlelo oluzovimbela lezi zigameko zokuhlukunyezwa kwabantu,” kusho uThusi.
UMnuz Mdu Nkosi ongumholi wekhokhasi ye-IFP eThekwini ophinde abe yilungu lesigungu esihola uMasipala iTheku uthe babikelwe ngokugobhoza kwegazi nokudlanga kobugebengu KwaMashu wonkana. Uthe uhulumeni akazimisele nhlobo ukuqeda ngobugebengu futhi izwe ngabe kalikho kulesi simo elikusona manje.
Ubalulule inselelo ebhekene nabahlala ehostela, ukuthi kugcwele imijondolo, eminye imigwaqo kayikhanyi futhi kumele kulethwe amaphoyisa akwezinye izindawo azolwa nobugebengu kuleya ndawo.
Okhulumela iPrasa KwaZulu-Natal, uMnuz Zama Nomnganga uthe zizobuyela namhlanje emzileni izitimela ezisebenza emzileni waKwaMashu.
UNomnganga uthe bebenenkinga yokwebiwa kwengqalasizinda namakhebuli emzileni, kwaphoqeleka ukuth balethe izitimela ezisebenzisa udizili.
“Kamuva izitimela kulo mzila bezimiswe wukuthi kunesiteleka saseTransnet, obekwenza ungatholakli udizili osetshenziswa yizitimela. Uyaqhubeka umsebenzi wokulungiswa kwengqalasizinda eyacekelwa phansi yizikhukhula eMlaza nakwezinye izindawo njengoba sekuqokwe nosonkontileka,” kusho uNomnganga.