AMAPHOYISA aseThekwini asenxuse umphakathi ukuthi uwasize ekutholeni indoda (enenswebu yomfanekiso osesithombeni), okukholakala ukuthi ingaba nolwazi olungasiza amaphoyisa ecaleni lokudlwengula.
Ngonyaka edlule, kuthiwa umsolwa ongaziwa wangena endaweni yebhizinisi elithile ese-Berea ngokungemthetho, wasabisa owesifazane oneminyaka engu-34 nge-screwdriver, wambopha ngaphambi kokuthi amdlwengule.
Ngokusho kwamaphoyisa umsolwa kukholakala ukuthi uneminyaka eko-30 ubudala, mfushane, ukahle nje emzimbeni kanti unesibazi esiqhomeni kwesokudla.
Kuthiwa ngesikhathi sesigameko, wayegqoke isikibha esiluhlaza nebhulukwe le-jean elimnyama..
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa anxusa noma wubani ongaba nolwazi ukuthi umsolwa ukephi ukuthi axhumane noDetective Constable Tshabalala kwethi 084 881 7281, noma enombolweni yamaphoyisa okubikwa kuyo ubugebengu ethi 08 600 10111.