ISEYIVA elingabanguleki eyokudlanga kobugebengu nenkohlakalo KwaZulu-Natal, edume ngokuba yinkundla okuqothwa kuyona abantu nabaholi.
Osukwini lokuqala lwengqungquthela iCommunity Policing Indaba, eThekwini, ezosongwa namuhla. Lapha kuzanywa amasu nezindlela zokulwa ngempumelelo nobugebengu nenkohlakalo.
Ihanjelwe ubuholi bamaphoyisa esifundazweni okukhona noKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, abaholi bamabandla, bendabuko, nophiko lwezokushushiswa kwamacala omphakathi i-NPA.
Kukhona neminyango kahulumeni, iCommunity Policing Forum (CPF) namalungu omphakathi.
UMkhwanazi uthe umphakathi awungeneleli ekulweni nobugebengu kodwa ubheke amaphoyisa ukuthi kube yiwona kuphela enza lokhu.
Uqhube wathi amaphoyisa mancane eKZN, angaphezu kuka-20 000 ahlalelwe wumsebenzi wokusebenzela nokuvikela abantu abavile ku-11 million esifundazweni. Uthe yintsha eneminyaka ephakathi kuka-16 nengu-24 edlangile ezenzweni zobugebengu.
“Sizodinga umphakathi wonke ngoba yiwona ozokwazi ukubiza zonke izinhlaka zikahulumeni ezizosiza kube nokuphepha ezindaweni abantu abahlala kuzona,” kusho uMkhwanazi.
Uthe ubugebengu bubhebhethekiswa izimo zempilo okuwukusetsheziswa ngokweqile kwezidakamizwa notshwala, ububha, ukungasebenzi kwabantu, izindawo abahlala kuzona ikakhulukazi eziyimijondolo, ukungazimbandakanyi nezemidlalo nokunye.
U-Advocate Elaine Zungu oyinhloko yeNPA eKZN, ukhale ngophuzo oludakakayo nezidakamizwa athe kusetshenziswa ngokweqile emiphakathini ikakhulukazi intsha.
Uthe bazoqinisa ubudlelwano bokusebenzisana nemiphakathi ngoba bathembele kuyona ukuba ibanike ulwazi abalusebenzisa enkantolo ukuze bashushise ngempumelelo..
“Kumele siqhamuke nanezindlela zokuvikela abantu abasitshela ulwazi ababuye babe ngofakazi emacaleni ngoba abanye babo bayabulawa,” kusho uAdv Zungu.
Usihlalo webhodi leCPF eKZN, uMnuz Mabutho Mtshali, uthe iKZN isinegama elimbi ngoba seyaziwa ngendawo okubulawa khona abantu.
UMtshali uthe alikho ilungu labo elitalabha abantu abasuke besolekala ebugebengwini ngoba balawulwa imigomo nomthetho futhi baqeqeshiwe.
“Umphakathi awulekelele amaphoyisa uwahlinzeke ngolwazi ukuze kuboshwe izigebengu,” kunxusa uMtshali.
AboMnyango wezokuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal, bathi uhulumeni wesifundazwe uyalele yonke iminyango ukuthi ibeke eceleni uR10 million wezabelo zawo ukuze uwusebenzise ezinhlelweni zokulwa nobugebengu nenkohlakalo,
Inhloko yoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN, uMnuz Thando Tubane, ithe kumele kube nomnyakazo owenziwayo ngoba ziyashaqisa izibalo zobugebengu.
UTubane uthe uma kunesidingo, ayichitshiyelwe imithetho elawula ukusebenza kwamaphoyisa ukuze akwazi ukulwa nobugebengu ngempumelelo.