AMAPHOYISA afuna uthuli abesilisa abane abasolwa ngokuvulela ngenhlamvu emndenini waKwaMagwaza eMalangeni, eMzinto, ngeSonto kwashona abathathu.
Kulesi sigameko kuthiwa kulimale abanye ababili.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, umndeni ohlaselwe ngowabesifazane bodwa abaneminyaka ephakathi kuka-11 no-61.
Uthe abagilwa bahlaselwe behleli endlini ewurawondi sebelungiselela ukuyolala ngesikhathi abasolwa bevula ngesankahlu isicabha.
“Isicabha sivulwe oyedwa wabo obegqoke isigqoko esimfihla ubuso, kwathi omunye naye obezifihle ubuso ngesigqoko, wakhomba abesifazane abefuna badutshulwe bafe,” kuchaza uNetshiunda.
Uqhube wathi kutholwe abesifazane abaneminyaka engu-28, 37 nonengu-61 benamanxeba ayinqwaba okudutshulwa.
“Bahlonzwe njengabashonele endaweni yesigameko. Abagilwa abasindile, oneminyaka engu-11 nonengu-60, bebedubuleke ezingalweni nasezithweni,” kulandisa uNetshiunda.
Uthe abasolwa abakaziwa okwamanje nembangela yokubulala ima isazohlonzwa ngamaphoyisa.
Uqhube wathi nokho kunezinsolo ezivezwa wuphenyo lwamaphoyisa zokuthi kungenzeka ukuthi ukuhlaselwa kwabagilwa kuyamene nokuthi oyedwa wabo ubesezinhlelweni zokudivosa.
“Ubelwela ukuthola ingxenye yempesheni yomyeni wakhe,” kusho uNetshiunda.
Uphethe ngelithi amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi olungawalekelela ophenyweni lwawo ukuthi athinte amaphoyisa aseduze noma ashayele inombolo yawo yamahhala ethi 08600 10111.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sithembiso Mthwane, lithe lizwile ngesigameko kodwa belingakayi ukuyohlanganisa amehlo nomndeni.
Uthe isigameko siwushaqisile umphakathi ngoba yize ubugebengu bukhona endaweni kodwa obokuhlaselwa kwabantu emzini wabo bebungakaze benzeke.
“Sishaqekile nje futhi sizibuza imibuzo eminingi ngoba nalo mndeni ohlaselwe akukho okutheni esiwazela khona, ukuthi sekungenzeka isigameko sokuthi uhlaselelwe ekhaya bese ubulawa ngesihluku esingaka,” kusho uMthwane.
Imizamo yokuthola umndeni ayiphumelelanga.