ABAZALI badinga ukufundiswa ngabathandana nabobulili obufanayo ukuze bangazicwasi izingane.
Lokhu kushiwo yinhlangano yabathandana nobulili obufanayo, iDurban Lesbian and Gay Community and Health Care Centre eThekwini, ebinesithangami obekuhloswe ngaso ukubuyisana phakathi kwabazali nezingane eziyizitabane.
Le nhlangano ibe nalesi sithangami okokuqala muva nje KwaMuhle Museum lapho bekuhlangenwe nongoti abahlukene ukuzokweluleka abazali nezingane.
Owesilisa oneminyaka engu-23 eligodliwe igama lakhe ongumfundi wase-University of KwaZulu-Natal, uveze ukuthi umndeni wakhe umhlubukile ngenxa yobutabane.
Lo mfundi wasePort Shepstone osehlala efulethini eThekwini, uthe akasalwazi uthando lwabazali ngenxa yokuba yisitabane.
Njengoba abanye abafundi bezogoduka ukuyodla uKhisimusi nemindeni yabo, yena usazikhethele ukuhlala nabangani efulethini ngoba akasamukelekile emndenini.
“Kuba buhlungu ukubona ezinye izingane eziya emakhaya, zithola nezipho emindenini yazo. Akukho engingakwenza ngoba nami angizenzanga ukudalwa ngale ndlela,” kusho yena.
Okhulumela inhlangano uMnuz Sbongiseni Khumalo, uthe bebeqala ukuba nalesi sithangami kodwa babonile ukuthi ziyadingeka nezinye.
Uthe bekunezigameko eziningi lapho kudingeka basize izingane ngoba zingezwani nabazali bazo ngenxa yokucwaswa.
“Besifuna ukuzwa kubazali ngqo ukuthi yiziphi izinselelo ababhekana nazo ngenxa yokuba nezingane eziyizitabane. Sithole ukuthi kwesinye isikhathi abazali bayazibona izimpawu ezinganeni kodwa uma seziphumela obala, kunzima ukwamukela. Lokhu kwenziwa wukuthi abazali abaqondi ngokuthandana nobulili obufanayo,” echaza.
UKhumalo uthe zonke izingane zinelungelo lokuba nabazali, ngaphandle kokucwaswa. Uthe bafisa ukwenza lezi zithangami ikakhulukazi emalokishini, ukuze kuphele ukucwaswa kwezingane nasemindenini yazo.
UMnuz Ndabenhle Myeza ongumeluleki, uthe ukushoda kolwazi ngobutabane yikona okwenza nabazali bacwase izingane. Uveze nokuthi inkolo nesiko kunomthelela ekutheni abazali badideke.
“Kumele kwande ukwelulekwa nokuqwashiswa kwabazali. Lokhu kunganqanda nezigameko zokuhlukunyezwa kwezitabane emphakathini. Izitabane zisazoba khona nasesizukulwaneni esizayo kodwa zisazocwasa uma abantu bengafundisekile. Abazali kumele bazi ukuthi ngeke bazishintshe izingane uma zikhethe ukuphila le mpilo,” kusho uMyeza.