KUFUFUSA umsindo ohlelweni olusabhekene nezinkinga lokudla ezikoleni zaKwaZulu-Natal, njengoba kwezinye izikole kuthiwa abazali bazithengela bona ukudla.
Osonkontileka abaphakela izikole babhekene ngeziqu zamehlo noMnyango wezeMfundo ngendaba yegesi yokuphekela abafundi abakhala ngokuthi umnyango ukhokha imali encane kunaleyo okumele ngabe uyayikhokha.
Ilungu lesigungu esilawula iNkonyane Primary eMtuba, elicele ukungavezwa, liveze ukuthi abazali bashaya ephaketheni bakhokha oR20 ukuze kuthengelwe abafundi ukudla.
Lithe kwafika ukudla okungenele, lathi okokwenza isishebo okwakushoda.
“Kwafika okunye kodwa kwashoda, abazali banquma ukuthi bakhokhe ukuze kunezezelwe okokupheka isishebo. Sifuna uhulumeni aqinisekise ukuthi uletha ukudla okwenele.”
Leli lungu lithe nakwezinye izikole kubaswa phansi ukuze kuphekwe ngoba igesi ingekho.
UNobhala weKZN Business Forum, uMnuz Xolani Shange, uthe akumele kugxekwe osonkontileka uma ukudla kungasafiki ezikoleni njengoba namanje benenkinga ngegesi.
Uthe umnyango ukhokhela igesi engu-48kg uR1300 ngenyanga ekubeni yona ibiza ngaphezu kukaR1 400 uma uyithenga.
“Kuzosuka umsindo omkhulu ngendaba yegesi ngoba kudala siyikhuluma asinakwa. Usonkontileka akatholi mali ngokuhambisa igesi yodwa ezikoleni. Inkinga okumele umnyango uyisukumele ngokushesha eyegesi.”
UShange ukhale nangokuthi osonkontileka abakazitholi izincwadi abazisayinile nomnyango ukuze bakwazi ukuyoboleka imali eThala.
“Abanye baphelelwe yimali ngoba abazi nokuthi bazohola nini. Kuthiwa maduzane kuzoholwa kodwa akuwona wonke umuntu ozothola imali ngoba kuthiwa incane imali ekhishiwe.”
Incwadi ethunyelelwe izikole yinhloko yomnyango, uMnuz Nathi Ngcobo, iyalele ukuthi izikole zikwamukele ukudla okungaphelele ngoba abanye osonkontileka basahlwaya imali yokuthenga ukudla.
Ithe enye yezinto ebambezele ukuthi bathole imali yokuthenga ukudla ngukuthi bekudingeka kusayinwe isivumelwano ukuze bakwazi ukuthola le mali.
Idonse ngendlebe izikole ukuthi zingasheshe zidedele abafundi ngoba kungaphelele ukudla okulethiwe.
Ilungu le-IFP ePhalamende likazwelonke, uMnuz Siphosethu Ngcobo, libuze iPhini likaNgqongqoshe womnyango kazwelonke, uDkt Reginah Mhaule, ukuthi luthini uphenyo nezakamuva ezithinta lolu hlelo esifundazweni?
UNgcobo ubuze lokhu emhlanganweni womnyango nekomiti lezemfundo izolo ePhalamende.
"Lolu hlelo lokudla ezikoleni lusanezinkinga eKZN. Uma kungase kwenzeke ngesonto elizayo ukuthi sithole umbiko ogcwele ngalolu hlelo eKZN ngoba kuningi okwenzekayo.“
UDkt Mhaule ukhale ngokuthi bezingamenywanga emhlanganweni izikhulu ezibhekele lolu hlelo emnyangweni.
UMengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe bathole umbiko wokuthi kwezinye izikole kulethwa ukudla okungenele.
Uhlabe ikhwelo emnyangweni ukuthi uqinisekise ukuthi kulethwa ukudla okwenele.