KUSALE enkundleni nomculi kamaskandi ngesikhathi kuqothwa abane ngenhlamvu, amaphoyisa abebasola ngokuba yizinkabi ebezifunwa ngoxhaxha lwamacala okubulala.
Lesi sigameko senzeke endaweni yokuphumula izivakashi, eBabanango entathakusa ngoMgqibelo.
USjula Biyela obedume ngeQhawe LakoMenziwa emculweni kamaskandi, kuthiwa uthelwe othulini ngamaphoyisa ethimba i-Stabilization Operations KwaZulu-Natal, okuvele ukuthi abangenele lapho bebebhace khona belele kuyo le ndawo yokuphumula, bashonela lapho nabanye okungoMnuz Thokozani Bizokwakhe Sithole (52), Thubelihle Ncanana (37) noLangelihle Biyela.
Ngokwesitatimende esikhishwe amaphoyisa, abasolwa bavulele kuqala ngenhlamvu bebhekise kuwo, abe esephendula ngezulu lezandla.
Osondelene kakhulu nomunye wababulewe ocele ukungadalulwa, uthe akulona iqiniso ukuthi bebeyizinkabi kodwa bebengosomatekisi kanti usola ukuthi ukubulawa kwabo kuhlobene nombango wamarenki oLundi.
“Angikwazi abakushoyo ukuthi bebefunwa ngokubulala abantu. Engikwaziyo ukuthi kube nokungaboni ngasolinye kosomatekisi abasebenzisa irenki enkulu ngaphansi koLundi Taxi Association. Baziphumele inxiwa basungula irenki entsha ehambela amabanga amafishane i-Ezihlabeni Taxi Association, okuthe ngokwenza njalo omunye wabanikazi bamatekisi okhankasela isikhundla kusoseshini, wathi uma bengabeka yena angayilungisa le nto aqede ngale renki babuyele ngaphakathi, esho kuwuLwesithathu. Kuthe-ke ngoMgqibelo bahlaselwa amaphoyisa bezilalele kule ndawo yokuphumula, babulawa okukhombisayo ukuthi kunamaphoyisa asetshenziswa njengezinkabi,” kubalisa yena.
Uthe uma bebefunwa ngamacala pho kungani amaphoyisa engababophanga kunokuthi ababulale eveza akuthi akulona iqiniso ukuthi bebedubula bebhekise kuwo.
Uveze nezinsolo zokuthi omunye wabo abafi, amaphoyisa amfumbathise isibhamu ngesikhathi eqeda kudubula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa alandele umkhondo ngabasolwa abebebhace kule ndawo yokuphumula izivakashi.
“Ngesikhathi amaphoyisa ememezela ukuthi asefikile, abasolwa badubule babhekisa kuwona bengaphakathi emagunjini abo, emizameni yokuzivikela, abuyisela. Emva kokudubulana phakathi kwabo namaphoyisa, laba abasolwa ngokuba yizinkabi batholwe benamanxeba okudutshulwa, kanti bafele endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda.
Uthe alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi kudutshulwana, wathi kuphinde kwavulwa namacala okuzama ukubulala amaphoyisa.