UMPHATHISWA wezokuphepha komphakathi nokusebenza kwamaphoyisa eWestern Cape, uReagen Allen, unxuse amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukubanjwa kwabasolwa abavulele ngenhlamvu endaweni yokuphuca kwafa izingane ezintathu.
Lokhu kwenzeke elokishini laseKhayelitsha, eKapa, ngoMgqibelo ntambama ngezithuba zika-4 lapho oshayasibhamu abangaziwa befike kule ndawo bavulela ngenhlamvu.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uColonel Andrè Traut uthe leli cala lidluliselwe ophikweni oluphenya amacala abucayi nanodlame esifundazweni.
“Abaseshi ophikweni lwamacala abucayi odlame aphenya ngesigameko sokubulawa kwabantu abathathu nokulimala kwabanye endaweni yokuphuca ngoMgqibelo ntambama. Kubikwa ukuthi kufike amadoda angaziwa kule ndawo avulela ngenhlanvu ebhekise kwabebekhona,” kusho yena.
Owesilisa oneminyaka engu-30 u nezingane ezimbili ezineminyaka engu-11, 12 bafe ujuqu kwathi enye ingane eneminyaka emihlanu yashonela esibhedlela. Zintathu ezinye izingane eziphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokudubuleka.