KUDUTSHULWE kwabulawa abasolwa ababili betholana phezulu ngenganono namaphoyisa.
Uphiko olubhekele uzinzo esifundazweni belulandela umkhondo ngabasolwa ngamacala okubulala elokishini laseNanda namaphethelo ngesikhathi kuvela umbiko ngabasolwa.
Kuthiwa laba basolwa babonwe behamba ngemoto eMaoti Main eNanda ngesikhathi amaphoyisa ebavimba.
“Abasolwa bavulele ngenhlamvu ngesikhathi imoto yabo ivinjwa ngamaphoyisa kulo mgwaqo,” kusho uCol Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa.
Kushone abasolwa ababili endaweni yesehlo ngesikhathi kudutshulwana, kwalimala abanye abane.
Laba basolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-38 ubudala baphuthunyiswe esibhedlela lapho beqashwe khona ngamaphoyisa.
"Kutholakale izibhamu ezimbili ezingenazo izinombolo nezinhlamvu ezingu-24,“ kuqhubeka yena.
Uveze ukuthi uphiko oluphenya amacala amaphoyisa i-IPID iyaphenya kanti abasolwa abasindile bazobhekana namacala okuzama ukubulala nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.