IPHINI likaNobhala we-ANC eThekwini, lithi kudala ixhala futhi kudangalise abantu abasha ukusocongwa kwamakhansela nosopolitiki.
Lokhu kudalulwe uMnuz Nkosenhle Madlala emuva kokuthi inkantolo igwebe udilikajele uMxolisi Gcabashe (33) ngecala lokubulala owayeyikhansela, uMnuz Minenhle Mkhize (39).
UMkhize wabulawa ehlezi evenini yakhe ayesanda kuyipaka egcekeni kubo eCliffdale, eThekwini, ngoJanuwari 2022.
Wayekade enezinyanga ezimbili ekhethelwe esikhundleni sobukhansela ku-ward 103.
“Into esiphatha kabi kakhulu wukuthi ukubulawa kwekhansela uMinenhle, obekade engumuntu omusha, kuyabadangalisa abanye abantu abasha ukuthi bazibandakanye nezinto ezithinta ipolitiki,” kusho uMadlala.
UMadlala uthe isikhathi samanje sidinga intsha ukuthi isondele, ithathe imizabalazo yemiphakathi yayo iyiyise phambili.
Uqhube wathi intsha yiyona engabaholi bemiphakathi bakusasa ngakho ukubulawa kukaMkhize kuzobathena amandla.
Lo mholi uthe kunesibophezelo ababekade besenzile emndenini wakaMkhize owashona engaqedile ukwakha.
“Indlu ayeyiqalile (Minenhle), eyakhela umama (wakhe), sizoyiqedela. Sike saba nezinkinga lapha nalaphaya ngenxa yezinto ezithize kodwa siyathembisa ukuthi sizoyiqedela,” kusho uMadlala.
Uphiko olushushisa amacala omphakathi, iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, isamukele isigwebo esikhishwe yiNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesithathu.
Okhulumela iNPA eKZN, uNkk Natasha Ramkisson-Kara uncome ukusebenza okuhle nokubambisana phakathi kwabashushini nethimba lamaphoyisa eliphenya amacala athinta ipolitiki.
“Kudla lubi ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal ngakho siyathemba ukuthi izigwebo eziyilolu hlobo zizolekelela ekuvimbeni abanye abantu abebekade becabanga ukwenza okufanayo,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Zehle kamnandi izindaba zokugwetshwa kukaGcabashe kuMnuz Sipho Hlomuka onguNgqongqoshe wezokuPhepha nokuXhumana koMphakathi eKZN.
UHlomuka unxenxe amalungu omphakathi ukuthi alekelele ngokuthi ahlinzeke amaphoyisa ulwazi oluzoholela ekutheni kuboshwe izigilamkhuba.