USOMLOMO wePhalamende uNkk Nosiviwe Maphisa-Nqakula usichithile isicelo sokuthi kube yimfihlo ukuvotelwa kwegama lika-Advocate Kholeka Gcaleka kwesoMvikeli woMphakathi.
I-ATM ne-UDM bebefake isicelo sokuthi kuvotwe ngemfihlo. Bebekhala ngokuthi bafuna amalungu ePhalamemde akhululeke uma sekuvotwa ngoba kungenzeka kukhona abathile abanikwe imiyalelo yokuthi bavote kanjani.
IPhalamende kulindeleke ukuthi livote bese liyanquma ukuthi liyaphasa yini igama lika-Advt Gcaleka emuva kokuthi liphakanyisiwe washaya amakhanda izimbangi zakhe.
U-Advt Gcaleka uyiBamba loMvikeli woMphakathi kanti uma engena ngokugcwele uzobe evala isikhala sika-Advt Busisiwe Mkhwebane.
Kulindeleke ukuthi kuvotwe umgangela ngoMsombuluko, uma igama liphasa liyobe selidluliselwa kuMengameli uCyril Ramaphosa ozoshayela isipikili sokugcina.
UNkk Nqakula echitha isicelo sokuvota ngemfihlo uthe iphalamende lisebenza ngokuvuleleka futhi abantu abaningi bayalulandela lo ludaba bafuna ukubona yonke into yenekwe obala.
Uthe abukho ubufakazi bokuthi amalungu ephalameende angase asatshiswe noma agwazelwe ukuze avote ngendlela ethile.
Udaba loMvikeli woMphakathi lubangwe kakhulu ngamaqembu aphiksana negama lika-Advt Gcaleka bakhala ngokuthi akafanelwe wumsebenzi.