UKUZETHEMBA nokufunda emaphutheni abazowenza ngendlela, ukwenza kangcono, ngezinye zezinto okucetshiswe onobuhle abasafufusa ukuzenza ukuze bachume emkhakheni wokumodela, emcimbini i-The Pageant Girls Conference ebiseRoyal Hotel eThekwini ngoMgqibelo.
Ekhuluma kulo mcimbi obekuhlanganiswe kuwo izintokazi ezisazama ukuzakhela igama, uNksz Nompilo Mkhize wenhlangano iMama Thanda Umntwana Wakho, uthe kulele kubona (onobuhle) ukuthi abantu bababuke kanjani.
“Yingakho kusemqoka ukungabi namahloni ngokwenzayo nange-brand oyiyona noyimele futhi kuyasiza ukubhekana nosasilele emuva kukho.
“ Ukulindele nokungatholi izinto ozifisayo ngesikhathi ofuna ngaso, bese ugwema izindlela ezinqamulelayo,” kucebisa uNksz Mkhize.
UNksz Cassandra Mthethwa owuMiss Mamelodi Sundowns KZN 2021, ukhuthaze onobuhle ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuzithuthukisa, wabaxwayisa ukuzisebenzisa kabi ngoba wonke amehlo abheke bona.
“Siphila esikhathini lapho izinkundla zokuxhumana zikwazi ukuvula iminyango eminingi, lokho ngikukhuluma kahle ngoba nami zingisize kakhulu ukungibeka lapho engangingakaze ngiziphuphe ngifinyelela khona.
“Ngakho ngikhuthaza ukuthi niqaphele ukuzisebenzisa ngendlela engenza abanye abantu banibuke kabi, kodwa nenze zinikhulumele lapho enifuna ukufinyelela khona - bese niqaphela ukunganciki ekumodeleni kuphela, nenze nezinye izinto ukuzithuthukisa,” kuchaza uNksz Mthethwa wesitolo sezimpahla zokugqoka iCassie M Clothing.
UNksz Samkelisiwe Mbatha iFinalist kuMrs Univese Africa, uthe okuhle ngomkhakha wokumodela wukuthi ukuba kuwona kwenza ukhululeke ngoba akekho ogxeka omunye, kodwa okumqoka wukukhuthalela ukufunda nokusebenza kanzima uma usungene kuwona ukuze uphumelele.
UNksz Carol Thango, oyi-wellness coach, ukhuthaze onobuhle ngokuhlala bezivocavoca nokuphila ngendlela enempilo, athi kusiza ukuvula umqondo nokukubeka endaweni engconywana kunabanye uma sekumodelwa.
Emcimbini bekukhona noMnuz Sakhile ‘Saky’ Dlamini weSelf Reflection, ocebise onobuhle ngezindlela zokuzicija ukukwazi ukwenza into yamehlo uma sebesesiteji.
Umhleli womcimbi, uNksz Zime Msweli wenhlangano iMiss KZN Queen, uthe uhlela ukuqhubeka nokuwenza minyaka yonke ngoba ayimningi efana nawo ekubeni idingeka.