‘AKUSIBO bonke abantu abathanda ukufunda izincwadi, kanti futhi nezinto eziningi ziyashintsha ngakho kusemqoka ukuhambisana nesikhathi ukuze ubuciko bukusebenzele.’
Isho kanjalo imbongi, uMbali Malimela, ekhuluma emcimbini wokucobelela ababhali besifazane ngolwazi lokuchuma kwezokubhala, iYoung Writers Women Symposium, eWushwini Pan African Centre, KwaNgcolosi, ngoLwesihlanu emini.
Kulo mcimbi obuwenziwe okwesibili nonyaka, bekuhlangene amaciko asebasha esifazane ukucotshelelwa ngolwazi lokusiza achume ebucikweni obehlukene okuhambisaa nokubhala.
UMbali owaziwa ngokubhala, akhiphe izinkondlo zesiZulu, ezenza kahle kakhulu online, ubecebisa izihambeli ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukusabalalisa umsebenzi wazo.
Uthe nababhali asebeshicilele izincwadi zabo kungabasiza ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukusabalalisa umsebenzi wabo wobuciko ebantwini abaningi.
“Into enhle ngezitolo zobuchwepheshe wukuthi zenza kube lula ukufinyelelelisa umsebenzi wakho ezindaweni ezahlukene, umhlaba wonke jikelele, futhi kungakusiza nawe osuvele unezincwadi, uzenze zibe nama-audio, ukusiza ukwandisa amakhasimende abantu abangathandi ukufunda, kodwa abangakujabulela ukulalela umsebenzi wakho,” usho kanje.
Omunye wababhali nongumshicileli wezincwadi, uZikhona Myaka, yena ucebise izihambeli ngokumele zikwenze nokumele zikugweme uma zizoshicilela izincwadi, ikakhulu uma zisaqala.
Uxwayise ababhali abasafufusa ukuqaphela ukuthi baqoka yiphi inkampani ukushicilela umsebenzi wabo, ukusiza ukugwema ukuthi kube lula ukwebiwa komsebenzi wabo ngosomathuba.
“Yenza ucwaningo ngenkampani ozoshicilela kuyona, ubheke ukuthi isebenza ngayiphi imibandela nokuthi iyahambisana yini nawe ngaphambi kokwenza isivumelwano. Kuyasiza nokuthi uqhathanise ukusebenza kwezinkampani namanini omsebenzi, ukuze uqoke ehambisana nawe. Okumqoka wukukhuthalela ukufunda ukuze uzochuma ngokubhala, usho kanje.
Kuwo futhi lo mcimbi, kwethulwe incwadi ka-Amanda Khomo, esihloko sithi Hurt: Losing A Loved One. Ethula incwadi yakhe, u-Amanda uveze ukuthi uzokwethula eyesithathu maduze, esihlo sithi Inkanuko, eyelama eyesibili ethi Isodoma Negomora.