KHETHA SANGWENI
ISILOMO somculi kamaskandi Igcokama Elisha, sithi kuzokwenekwa obala okuhle nokubi ngempilo yaso ohlelweni lwethelevishini, Ushuni Kamaskandi olukhuza ibuya ku-SABC 1. Lolu hlelo lukhuluma ngempilo yeGcokama Elisha nazozonke izigigaba zalo. Luke lwadlala isizini yokuqala yaphela kwase kusayinwa isivumelwano esisha nabe-SABC ukuthi lubuye.
Sekuvele kuqalile ukubonakala iziqeshana zokugabisa ezinkundleni zokuxhumana nabalandeli beGcokama bebhala bethi bamagange ngohlelo. Uhlelo beluvame ukungena njalo ngoMgqibelo ngo-5 ntambama ku-SABC 1. Igcokama, elidabuka eMdletsheni, eHluhluwe, lithe okuzovela kwisizini yesibili kuzoshiya abantu bekhexile okunye kubajabulise.
“Kuzovela ezinye izinto ezihlala zivela kancane ngami kodwa kulokhu zizohlala obala. Kukhona okuhle nokubi futhi abantu bazokwazi kabanzi ngami ngoba abaningi bafunzwe okungeyikho ngeGcokama,’’ kusho Igcokama elidume ngenhlanzeko nomswenko endimeni yomculo.
Igcokama, igama lalo okuwuMthandeni Manqele, lithe okuhle wukuthi ohlelweni akukho okusefwayo, konke kuvela kunjengoba kunjalo ngoba uhlelo luphoqa ukuthi kube njalo. Uthe kuvela nokunye ngonina uMaShandu osanda kwedlula emhlabeni.
Igcokama lithe uhlelo lwalo lusiza ukufundisa abantu kabanzi ngomaskandi jikelele nokuyinto eke yabukelwa phansi phambilini kodwa manje usuyadlisa.
Okhulumela i-SABC uMmoni Seapolelo ukuqinisekisile ukuthi uhlelo lweGcokama lubuyile kuthelevishini.
“Singaqinisekisa ukuthi uhlelo Ushuni Kamaskandi luzodlala ngoMashi 5 ku-SABC 1 ngo-5.30,’’ kusho uMmoni.