UMPHAKATHI waku-ward 5 kuMasipala iNkosi Langalibalele, eMtshezi, utuse amagalelo kamelaphi wendabuko wodumo kule ndawo, uMnuz Vusi "Dkt Gadlabhubesi" Mkhize.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi umphakathi ubuthene kule ndawo ngenhloso yokubungaza uMkhize ngenxa yokufukula amalungu omphakathi.
Umndeni wakwaMdakane wembese uMkhize ngenhle ingubo, umbonga ngendlu ayakhele ilungu lawo laseTatane, uNksz Nomdakane Ngwenya. Kwehle mi izinyembezi kuNksz Lindiwe Mdakane ngesikhathi echaza ngosizi obelubhekene nodadewabo ngesikhathi engakakhelwa indlu.
Uthe isenzo sikaMkhize, ngemali yakhe yobunyanga, abasoze basilibala ngoba sibakhiphe kolukhulu utaku.
Induna yaseNgonyameni, uMnuz Thembokwakhe Mazibuko, ithe uMkhize nguye owabalethela izindlu zangasese. Ukhansela Sihle Ngwenya ubonge umphakathi waku-ward 5 ngokhulisa ngendlela uMkhize futhi wawunxenxa ukuba ungalezi iphutha lokungamvoteli okhethweni lokuchibiyela olungoLwesithathu.
Oyisakhamuzi saku-ward 4, uMnuz Themba Mvelase, uthe nguye owanxusa uMkhize ukuba akhele umndeni wakwaNgwenya indlu emuva kokubona isimo saleyo owawuhlala kuyo eminyakeni eyedlule.
Uthe uMkhize waqala ngokuxhasa lo mndeni ngayo yonke inhlobo yokudla ngaphambi kokuwakhela indlu.
"Into engifikisela ngezinyembezi wukuthi uMkhize wenza okungakaze kwenziwa wumuntu kwabake baba semandleni," kusho uMvelase.
UNksz Ngwenya uvele wakhala mi izinyembezi ngesikhathi evula indlu ayakhelwe nguMkhize. Uthe akazi uzobonga ngani kuye ngokumkhipha osizini njengoba bebempintshene endlini eyodwa.
UMkhize uthe uzoqhubeka nezinhlelo zentuthuko ashiya eziqalile njengokufakelwa kwabantu ugesi nokufukula umphakathi ontulayo endaweni ngoba ubengaqali futhi engagcinile ngomndeni wakwaNgwenya.
Kule ndumezulu yomcimbi izinkumbi zabantu zizitike ngenyama nangeziphuzo, zibe zehlisa ngobumnandi obebuphakwa ngamaciko endawo, okubalwa kuwo, Izintombi Zomlilo, Amabhenanyawo, Phumalanga Secondary (Sarafina), Isigqi Sendoda, Omondise, Umlilo Wezinsizwa, Izigi Zendoda, Ishikishi Boys namanye.