UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Lindiwe Zulu, uthe asikho isidingo sokuthi abazali bakhathazeke ngemali yokufunda uma izingane ebezihola isibonelelo sikahulumeni seziphase u-matric.
Uthe izingane ziba sohlwini lokuthola uxhaso kwiNational Student Financial Aid Scheme (Nsfas) njengoba uhulumeni esuke azi ukuthi zivela emindenini eswele.
NgoLwesihlanu, uNkk Zulu, oyiPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Sibongiseni Dhlomo noMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, bebehalalisela izingane ebezihola isibonelelo sikahulumeni ezenze kahle ku-matric.
Utshele abazali ukuthi uhulumeni akafuni kube nezingane ezingakwazi ukuqhuba imfundo yazo uma seziphothule u-matric.
“Uhulumeni uyalwazi usizi lwabazali abangenayo imali, yingakho athatha isinqumo sokuthi izingane ezihola izibonelelo zixhaswe uma seziya emabangeni emfundo ephakeme. Isibonelelo sazo ngeke sinqamuke, zizoqhubeka nokubonelelwa wuhulumeni zize ziphothule izifundo zazo,” kusho uNkk Zulu.
UNkk Thamo Mzobe ophethe iSouth African Social Security Agency (Sassa) KwaZulu-Natal, ubonge abafundi abenze kahle ku-matric nabazali babo.
Uthe laba bafundi nabazali bebeya eSassa uma bebizwa ukuze kubhekwe ukuthi basaqhuba kahle yini esikoleni.
UNkanyenzi Maphumulo (18) obefunda eLamontville High, uthe usefunda eNyuvesi yaseZululand lapho enza khona iziqu kwezomthetho.
Ubonge iSassa ngokubenzela umcimbi wokubahalalisela, esho ukuthi emakhaya abo beyingekho imali yokubabungaza ngokuphasa kahle.
Ugqugquzele abanye abafundi abahola izibonelelo zikahulumeni ukuba bazimisele esikoleni, wathi uma sebeqedile uhulumeni uyaqhubeka ngokubaxhasa ngo-NSFAS ukuze baqhubeke nezifundo zabo.
Unina kaNkanyezi, uNksz Ayanda Maphumulo, uthe uyaziqhenya kakhulu ngendodakazi yakhe, wabonga iSassa ngokuhamba nabo yonke le ndlela njengabazali abangenayo imali.
Omunye umzali, uNksz Nomfundo Nduli, uthe ingane yakhe yaqala ukuhola isibonelelo sikahulumeni ineminyaka emine kwaze kwaba iqeda u-matric.
Ugqugquzele abazali ukuthi babambisane nabasebenzi baseSassa ngokuthi baye emihlanganweni abasuke bebizwa kuyo, waphetha ngokuthi kubalulekile ukweseka ingane, uyinike nothando ukuze izokwazi ukwenza kangcono.