AMAPHOYISA aphenya icala lokudubula kubulawe owesilisa esigamekweni esenzeke emijondolo yaseCanelands, eVerulam, ngoMgqibelo ntambama.
Kusolakala ukuthi ukuphambana ngenkulumo phakathi kukamsolwa nomufi (32), obenezindlu aziqashisile kule ndawo, kuphethe ngokuthi kuphume isidumbu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko, wathi amaphoyisa asesiteshini saseVerulam, aphenya icala lokubulala.
UConst Ngcobo uthe kusolakala ukuthi kube nokungaboni ngaso linye phakathi kwala madoda okuphethe ngokuthi kube khona edubula enye.
Ngokusho kwabosizo lokuqala, enkampanini yonogada, iReaction Unit South Africa (Rusa), isidumbu sikamufi besikade sinamanxeba amahlanu okudutshulwa.
Okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram, uthe babizelwe kule ndawo abafike kuyo ngo-7 ebusuku, bafica iqulu labantu ebelikade lingunge owesilisa obekade opha kakhulu.
UBalram uthe babe sebeqala umsebenzini wabo, bezama ukuhlenga impilo kamufi ngeshwa obekade engasazikhombisi izimpawu zomuntu ophilayo.
“Abazibonele bathe umufi ubekade enezindlu aziqashisile kule ndawo. Kuthiwa ubonakale ekhuluma nowesilisa abagcine sebehilizisana naye. Le ndoda kuthiwa ikhiphe isibhamu yadubula umufi amahlandla amaningi,” kusho uBalram.
UBalram uqhube wathi emuva kokuthi umufi esedutshuliwe, abasolwa babe sebemkhuthuza, bathatha imali yakhe base bebaleka ngezinyawo futhi abaziwa ukuthi babaleke bashona ngaphi.