KUPHUME izidumbu eziyisithupha zabantu abadutshuliwe kufuneka umazisi wowesilisa okuthiwa wasala endaweni yesigameko mhlazane kubulawa abantu kwa-Q, eMlaza.
Ngokombiko wamaphoyisa, abasolwa babulale abantu ababili endlini, omunye wadutshulelwa egunjini eliseceleni kwendlu enkulu.
Umuntu wesine udutshulwe washonela ngasethoyilethe elisemnyango futhi ubenamanxeba okusha emzimbeni.
Laba bantu kuthiwa badlulele endaweni eyimijondolo ebude buduze nendawo yesigameko sokuqala lapho befike bavulela khona ngenhlamvu kwashona abantu ababili, oyedwa walimala kanzima waphuthunyiswa esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe enye yamadoda ebihola amathathu abekade edubula ifike yafuna ngoshova umazisi wayo komunye wabagilwa.
“Kukholakala ukuthi le ndoda iyathinteka futhi ifunwa amaphoyisa mayelana nesinye isigameko sokubulala njengoba kusolakala ukuthi yawisa umazisi wayo ngephutha endaweni yesehlakalo,” kusho uNetshiunda.
UNetshiunda uqhube wathi ngokwemibiko abayitholile omunye wabantu ababulewe ubekade enomazisi wale ndoda ehlasele.
Amaphoyisa asebekelwe isikhathi esingamahora angu-72 (izinsuku ezintathu) sokuba athungathe futhi abophe abasolwa abathintekayo kulesi sigameko.
UNetshiunda uthe amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi lokuthi bangatholakala kuphi abasolwa alubike enombolweni yocingo ethi: 08600 10111 noma kwi-app yamaphoysa i-MySAPS.