UBOSHIWE uthisha wesilisa ofundisa esikoleni samabanga aphansi eMlaza osolwa ngokumpansa nokuphulula izinqe zabafundi, ovulelwe amacala ngabazali ngesonto eledlule.
Umsolwa kuthiwa uboshwe ngoLwesithathu emva kokuthi abazali abebebhodla umlilo benikele esikoleni, befuna athathelwe izinyathelo. Bekulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza.
Yize ngesikhathi sokushicilela amaphoyisa abesaqinisekise icala elilodwa avulelwe lona, kodwa abazali babagilwa abakhulume neSolezwe, baveze ukuthi zine izingane abazali bazo abavulele umsolwa (igama lakhe eligodliwe ngenxa yobucayi bodaba), amacala.
Umzali womfundi oneminyaka engu-11 ofunda u-Grade 6 elandisa, uthe umbhalele kuWhatsApp ngokwenzekile.
“Ungibhalele ku-WhatsApp wathi kunento afisa ukungitshela yona, kodwa uyasaba ukuyikhuluma sibhekene uzoyibhala phansi. Uthe ngesonto eledlule (elandulela okuvulwe ngalo icala), ubeyobheka omunye uthisha ekilasini ngesikhathi ezithela kumsolwa obehleli yedwa. Umbuze kuyena, kodwa umsolwa wamyalela ukuthi akavale umnyango. Uthe akamanga, wamsondeza eduze wamnyusa umfaniswano wakhe wesikole emphulula izinqe,” kulandisa umzali.
Uthe uphunyuke wabaleka ngesikhathi kungqongqoza omunye uthisha ekilasini abebekulo. Omunye umzali okhulume neSolezwe uveze ukuthi indodakazi yakhe imlandise ngesonto eledlule ngokupanswa umsolwa.
“Kuthiwa umkhuba wakhe osekunesikhathi awuqala njengoba sekunezingane ezifunda amabanga aphezulu nazo eseziphumele obala ngokupanswa. Ingane yami ithe akaqali ukwenza lokhu, uma ekwenzile ubethi zingayithi vu emakhaya, kanti ubezinika imali ezinye azigqibe ngokuziboleka ifoni yakhe zibukele ama-vidiyo,” usho kanje.
Uthe ngenxa yobuhlungu abuzwile emva kokubikelwa yindodakazi yakhe ngokwenziwa uthisha, yena nabanye abazali bezingane ezithintekile banikele emaphoyiseni bamvulela icala.
Kwi-video Isolezwe elinayo okuthiwa ithwetshulwe ngesonto eledlule, idlanzana labazali ebelithukuthele ligane unwabu libonakala linqakisana ngamazwi nothishomkhulu, lifuna ukuthi lo thisha athathelwe izinyathelo. Izwi okukholakala ukuthi ngelomhloli obejutshwe yihhovisi loMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uzwakala enxusa abazali ethi abehlise umoya ukuze alalele kahle izikhalo zabo.
Imizamo yokuthola ukuphawula koMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngalolu daba ayiphumelelanga njengoba owukhulumelayo uMnuz Muzi Mahlambi engayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMlaza ayaliphenya icala. Nakuba engakuqinisekisanga ukuboshwa komsolwa, kodwa Isolezwe liwubonile umyalezo amaphoyisa awuthumelele abazali obuqinisekisa ukuboshwa kwakhe uveza nokuthi uzovela enkantolo (izolo).