UKHALELWE amasongo kaSigonyela evele edonsa esinye isigwebo owayengusihlalo we-ANC eNorthern Cape, uMnuz John Block.
NgoLwesibili, uBlock uvele eNkantolo yeMantshi e-Upington, eNorthern Cape, ebhekene namacala okukhwabanisa maqondana nethenda eyaphuma ngo-2003.
UBlock uboshwa nje, ubevele edonsa isigwebo seminyaka engu-15 ngecala lenkohlakalo elamlahla ngo-2003. Wayengungqongqoshe wezokuThutha, imiGwaqo nemiSebenzi yoMphakathi ngesikhathi kwenzeka amacala. Isitatimende sophiko lwezokushushisa (NPA) siveza ukuthi uBlock ubuyiselwe ejele e-Upington, lapho aqhubeka khona nesigwebo sakhe.
UBlock usolwa ngokuthi walekelela inkampani iBabereki Consulting Engineers CC ukuthi ithole ithenda nakuba yayingafanele. Ungummangalelwa wesine njengoba eboshwe nabanye asolwa nabo ecaleni lenkohlakalo. Icala kulindeleke ukuthi libuyele eNkantolo yeMantshi yaseKimberly, ngoJulayi 11.