BASOBISHINI othisha besifazane ababili basesikoleni saseNanda, iMatabetulu Primary, ngenxa yezinsolo zokufihla udaba lokudlwengulwa komfundi wesifazane kaGrade 4 wakulesi sikole.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongaphakathi kulesi sikole ukuthi uNkk Nonhlanhla Gumede noNksz Gugu Hlanguza bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela emuva kokutholakala ukuthi bathula nodaba olungaka.
Umthombo uhlebele leli phephandaba ukuthi umfundi (13), eligodliwe igama lakhe ukuvikela isithunzi sakhe, wabikela labo thisha ukuthi wadlwengulwa ngumlisa oyisihlobo sakhe futhi ogada kulesi sikole. Kuthiwa labo thisha kabazange basibika lesi sigameko kwiziphathimandla zesikole nasemaphoyiseni. Baqoma ukufela ngaphakathi okwebutho likaZulu.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukushaqwa ngamaphoyisa asesiteshini saseMtshebheni kukaNkk Gumede noNksz Hlanguza ngoLwesihlanu olwedlule.
"Amaphoyisa aseNanda abophe abesifazane ababili ngokwehluleka ukubika ngesehlakalo sokudlwengulwa kwengane. Kusolwa ukuthi intombazane eneminyaka ewu-13 yabikela othisha ukuthi inukubezwe wuninalume wayo kodwa othisha bangalubika lolu daba emaphoyiseni. Idokodo libe seludluliselwa ophikweni lwamaphoyisa aseNanda olulwa nodlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane nezigameko zokudlwengula ukuze luqhubeke nophenyo. Laba bantu besifazane baboshwe ngoJuni 14, 2024."
UConstable Ngcobo uthe othisha bavele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesithathu.
"Icala lihlehliselwe u-Agasti 2, kulo nyaka," kuphetha uConstable Ngcobo.
Ethintwa okhulumela uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bayaleshwama lolu daba. Yize kunjalo kodwa uthe sebeyalele umqondisi wezeMfundo esiFundeni sasePinetown ukuba abaphenyele kabanzi.
“Siphatheke kabi futhi kusidinile ukuzwa izindaba ezibuhlungu kangaka. Sinethemba lokuthi umthetho uzodlala indima yawo,” kuphetha uMlotshwa.
Isolezwe libuye lahabula ukuthi nomalume wengane naye ukhalelwe ngozankosi kanye nabo othisha.