KUBOSHWE umsolwa oneminyaka engu-21ubudala kutholwa izidumbu eziyisithupha ebhilidini elisedolobheni eGoli.
Amaphoyisa abizelwe kule ndawo ngabantu bekhala ngephunga elixakile eliphuma kwelinye lamagumbi akhona. Afike athola isidumbu sowesifazane egumbini. Uphenyo lokuqala luwaholele kumsolwa okuthiwa nguyena owagcina ukubonakala nowesifazane.
“Kuthiwa umsolwa wabonakala nalo wesifazane ngo-Okthoba 2 ngo-8 ebusuku. Owesifazane akaphindanga wabonakala, kwaze kwaba wukuthi kutholakala isidumbu sakhe ngeSonto ekuseni,” kusho uBrigadier Brenda Muridili.
Uqhubeke wathi izimpahla ebezigqokwe wumufi zifana nalezo okwathiwa uzigqokile ngesikhathi kubikwa ukuthi ulahlekile.
Ngemuva kokupheka umsolwa ngemibuzo, amaphoyisa abuyela endaweni yesigameko lapho ethole khona ezinye izidumbu ezinhlanu endaweni yokusebenza nasemigqonyeni kadoti.
“Ngeshwa lezi zidumbu besezonakele ngendlela yokuthi kudingeka kwenziwe ulibofuzo ukuze kubonakale ukuthi ngezobani.”
Uyise womsolwa uthe babikelwe ngeSonto ekuseni, waba nokudideka kodwa wafika kule ndawo ngenhloso yokuzama ukubona ukuthi kwenzakani.
“Sibone ngombiko wamakhamera akhona kule ndawo, baveza yena uqobo (indodana yakhe) ehla enyuka ezama ukuvala izidumbu zalokhu akwenzile,” kusho uyise ekhuluma nabezindaba.
Ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani ngalokhu, uthe yize kumphatha kabi kodwa akafuni ukuthi okwenzekile kube sengathi yinto ehlale yenzeka ebhizinisini lakhe, indodana yakhe isindala ngokwanele ukuzithathela izinqumo, ngakho-ke kumele ijeze ngekwenzile ngoba akekho okufanele afele izono zabantu.
Umsolwa uzovela enkantolo kusasa ngamacala okubulala.