UNGQONGQOSHE wezeMpilo, uDkt Joe Phaahla, uthi babalelwa ku-124 odokotela-mbumbulu ababoshiwe kulandela umkhankaso wabeHealth Profesions Council of South Africa (HPCSA). UPhaahla udalule lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende.
UPhaahla uthe odokotela abaningi bakwazi ukucasha ngokuthi basebenze ezinkampanini ezizimele, baholelwe esandleni noma basebenzele odokotela ababhalisiwe.
UPhaahla uthe kuyicala ukuthi umuntu asebenze emkhakheni wezempilo ngaphandle kwemvume yabe-HPCSA. Uthe le nhlangano isisungule uphiko oluzobheka ukusebenza kodokotela bese lubhekana ngqo nalabo abangombombayi.
Uthe le nhlangano iqale yashaya amakhala ngenqwaba yodokotela-mbumbulu abasebenzela emadolobheni.
“Umthetho ukubeka kucace ukuthi kufanele umuntu aqale ngokubhalisa ukuze akwazi ukusebenza kwezempilo. Ukusebenza ngaphandle kwemvume kuwubugebengu,’’ kusho uPhaahla.
Uthe baningi odokotela-mbumbulu abasacashile kodwa abazobanjwa maduze-nje.