ULALE ezitokisini ufakazi woMbuso okuthiwa ubeseshaya ungqimphothwe engasafuni ukufakaza ecaleni lephoyisa, elisolwa ngokubulala ngokudubula umuntu.
Kusolwa ukuthi iphoyisa uSergeant Sibonelo Shabangu ladubula amahlandla ayisithupha uMnuz Qiniso Mdima ngoba encike emotweni yalo ngaphandle kwendawo yobumnandi eMolweni, eThekwini.
Ufakazi uMnuz Mandla Dlamini uvele eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
UDlamini benoMnuz Ayanda Ngcobo kuthiwa bashaye ungqimphothwe ngomzuzu wokugcina, batshela umshushisi uMnuz Rowen Souls ukuthi abasafuni ukufakaza ngezizathu ezingadalulwanga.
Kwale noma uSouls ekhuluma nalawa madoda ewancenga ngoLwesibili. Kunalokho uDlamini kuthiwa uvele wahamba enkantolo, wakhishelwa incwadi egunyaza ukuthi aboshwe.
Kuvele ukuthi uDlamini wabuya ngosuku olufanayo sekuhambe isikhathi, wase ekhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
Izolo uvele phambi kweMantshi M A Khumalo, yathi ngabe isingatha isigcawu azochaza kuso uDlamini ukuthi kungani ehambile enkantolo kodwa ukucima kukagesi ngenhloso yokuwonga, kwenze yasheshe yaguqa inkantolo, waphunyuka kanjalo.
UKhumalo ukhiphe uDlamini ngesixwayiso, wathi angaphinde enze akwenzile ngoba uzogqunywa ezitokisini. Kujabule amalungu omndeni wakhe abezomeseka esededelwa.
USouls ubekade ecebe labo fakazi kuKhumalo, wathi babhala izitatimende ngesigameko futhi bakhishelwa amasamanisi ayebabizela enkantolo kodwa manje sebeyamhlamuka.
Kuthangi uKhumalo ukhiphe isixwayiso esishubile abesibhekise kuNgcobo yena ongahambanga enkantolo.
“Kunemiphumela engemihle uma unqaba ukwethula ubufakazi. Uzobhekana nengalo yomthetho ngokuphelele. Awukwazi ukumane uzithathele ngokwakho isinqumo sokuthi awusafuni ukufakaza.
Icala kumele liqulwe liqedwe, ngakho (inkantolo) ayizomela umuntu olibambezelayo,” kusho uKhumalo.
Lapho uNgcobo ebese ethule du, evuma konke obekushiwo nguKhumalo, abuye akhwehlele engaqedi ebukeka engahlalisekile.
UShabangu ungaphandle ngebheyili ka-R5 000. Icala lihlehliselwe uMashi nonyaka.
Kubikwa ukuthi uMdima washiya emhlabeni abantwana bakhe abahlanu.
Kuthiwa isigameko senzeka ngaphandle kwaseCasablanca Lifestyle, eMolweni eThekwini ngoNovemba 2022.
Enkantolo kwavela ukuthi umufi wadutshulwa kanye esiphongweni futhi wayenamanxeba ayisihlanu okudutshulwa emhlane.
Phambilini enkantolo kwavela ukuthi uShabangu wadubula uMdima ngoba wayezitshela ukuthi uhosha isibhamu enqulwini ngesikhathi ekhuluma naye.