KUKHONA nephoyisa ebantwini abayisithupha ababoshelwe icala lokuzama ukubulala nelokuzama ukuphanga indawo yebhizinisi eDriefontein, eWest Rand, eGauteng.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-29 no-39 baboshwe ngoMsombuluko.
Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi yaseFoschville ngoLwesithathu.
Kusolakala ukuthi umgilwa ubesanda kungena e-laboratory yemayini i-Assay ngesikhathi kuvuka abantu angabazi abadubule kaningana bebhekise emotweni abehamba ngayo.
Kuthiwa ukwazile ukubaleka wangena ngaphakathi emagcekeni emayini ezivikela.
Okhulumela oKlebe kuzwelonke, uColonel Katlego Mogale uthe ngesikhathi abanye abasolwa bezama ukugqekeza isango ukuze bangene ngaphakathi, kube sekuqala kudubulana onogada bale ndawo nabo.
UCol Mogale uthe ngesikhathi kusaqhuma inganono, abasolwa babonile ukuthi sebekakiwe, bacela empunzini ngokwehlukana kodwa abane babanjwa.
“Uphenyo lwesikhashana luvundulule ukuthi kubasolwa abane ababoshiwe kukhona nephoyisa. Endaweni yesehlakalo kutholakale iziqhumane, izinhlamvu nezibhamu ezimbili ama-9mm ebecishwe izinombolo zawo,” kusho uCol Mogale.
Lo sigaxamabhande uqhube wathi ngoLwesibili ebusuku kuboshwe abanye abasolwa ababili abaneminyaka engu-34 no-39 eKhuma, eStilfontein okuhlangene nesigameko sangoMsombuluko.
Laba ababili bazovela enkantolo efanayo ngoLwesine.