BAVELE izolo, eNkantolo yeMantshi ePort Shepstone, abalisa abahlanu okukhona kubo namaphoyisa, abasolwa ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala, ukuthumba nokuphazamisa ukusebenza komthetho.
Laba basolwa abaneminyaka elinganiselwa ewu-38 no-47, kusolakala ukuthi benza la macala eMarburg, khona ePort Shepstone.
UCaptain Simphiwe Mhlongo uthe ukusebenza kophiko oluphenya amacala obugebengu obuhleliwe, amaHawks, ngokubambisana nethimba leTactical Response lwasePort Shepstone nawasesifundeni uGu, yikho okuholele ekuboshweni kwabasolwa ngoLwesibili.
“Kusolakala ukuthi abalisa ababili babikwa njengabadukile esiteshini samaphoyisa eMsinsini, ngoFebhuwari, nonyaka, kwase kuvulwa idokodo - kwaqalwa uphenyo lokubathungatha. NgoFebhuwari 28, 2022, kwatholakala isidumbu sowesilisa sesonakele khona endaweni eMsinsini, saqinisekiswa njengesomunye wababili ababelahlekile.
“Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo ngoSepthemba, nonyaka, kutholwe izinsalela zamathambo esidumbu somunye wesilisa okusolakala ukuthi ngowesibili kwababelahlekile, naye etholalaka endaweni efanayo nakule okwatholakala kuyo isidumbu sowokuqala,” kuchaza uCaptain Mhlongo.
Eqhuba, uthe kwathathwa amasampuli olibofuzo alaba balisa ababili abashonile, nokuthe ebuya ukuyohlolwa - umphumela waveza ukuthi abagilwa bashaywa kabi ngabasolwa, base belaxazwa ehlathini.
UMhlongo uveze ukuthi kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye abasolwa ngalawa macala.