BANGAPHEZU kuka-50 000 abantu ababoshiwe ngamacala anhlobonhlobo ngamaholidi okuphela konyaka, okukhona kuwona awokubulala nokudlwengula.
Kulesi sibalo, kubikwe amacala angu-8 001 okushaya ngenhloso yokulimaza avulwe emaphoyiseni kusukela ngoDisemba 17 kuya ngoJanuwari 7 nonyaka.
Kuphinde kwavulwa amacala angu-2 812 okushaya.
Lokhu kudalulwe amaphoyisa esitatimendeni mayelana nezokuphepha ngamaholidi asithumele abezindaba izolo.
Kubikwe amacala angu-1 252 okudlwengula, awu-1 682 abebeshayela bephuze utshwala nabawu-1 232 abebedayisa utshwala ngokungemthetho.
Okhulumela amaphoyisa eNingizimu Afrika, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe angu-3 976 amacala okutholakala nezidakamizwa avuliwe.
Uqhube wathi kuvulwe amacala okubulala nawokuzama ukubulala angu-1 390 ngesikhathi esifanayo.
“Ekhaleni lemikhankaso yethu wukuthola abasolwa abafunwa uthuli, ukuvundulula izibhamu ezingekho emthethweni, izidakamizwa nempahla ewumbombayi. Sibopha nabashayela bephuzile, abantshontshayo nabaduna izimoto,” kusho uBrig Mathe.
Amanye amacala avuliwe kube angu-3 317 awabokufika abangenazo izimvume zokuba kuleli, angu-575 okudayisa izidakamizwa nangu-546 okutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
UBrig Mathe uthe lokhu bakwenze beqhubeka nomkhankaso wabo olwa nobugebengu owaziwa nge-Operation Shanela.
Lo mkhankaso wethulwa ngoMeyi 2023 kanti sekuboshwe abantu abangaphezu kuka-314 000 kusukela waqala.
Amaphoyisa athi imikhankaso yawo iyaqhubeka kwazise abantu babuyela ezindaweni abahlala kuzona futhi kulungiselelwa ukuvulwa kwezikole.
UMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, uthe namanje bawavulile amehlo ukuze balwe ngempumelelo nobugebengu noma ngabe obaluphi uhlobo.
“Asifuni ukuthatha amashansi futhi sibonga imiphakathi ngokusebenza ngokubambisana namaphoyisa nangokuwahlinzeka ngolwazi oluholele ekuboshweni kwezigebengu ngesikhathi samaholidi,” kusho uMasemola.
Uthe amaphoyisa azoqhubeka aphithizele emiphakathini njengoba siqhubeka isiphithiphithi sasemigwaqweni futhi bazoqapha nesimo uma sekukhishwa imiphumela ka-matric, eqondane nokuvulwa kwezikole.