KUBATSHAZWA isihluku sowesilisa wakwa-A KwaMashu okuthiwa unqume uqhoqhoqho intombi yakhe ngemuva kwengxabano esuke beseBridge City.
Kuthiwa uSphesihle Mthembu (28) ubulawe ngesihluku ngempelasonto, yisoka lakhe leminyaka Isolezwe elinawo amagama alo kodwa eliwagodlile ngoba alikakaveli enkantolo.
Ilungu lomndeni, elicele ukuba kugodlwe igama lalo, lilandisa Isolezwe ngakho konke okwenzekile libabaze isihluku abulawe ngaso umufi. "Indlela abulawe ngayo ibuhlungu kakhulu,'' lisho kanje.
Lithe uthuthuva phakathi kwalaba ababili lususwe ukuthi umufi ushayele ucingo owesilisa athandana naye emcela ukuba amphuthumisele izingane ezimbili zamantombazane eBridge City ngoba ufuna ukuziluka amakhanda ngaphambi kokuba baye emakhaya KwaHlabisa.
Leli lungu lomndeni lithe nebala lo wesilisa wenze njalo, wathatha izingane ezimbili zamantombazane waya nazo lapho okuthiwa akaziyise khona.
Lidalule ukuthi ingane eyodwa yentombazane eneminyaka engu-13 ngeyabo bobabili, umfana oneminyaka emihlanu ngokamufi amthola kwenye indoda.
"Ngesikhathi seyifikile indoda kube nokuxabana okukhulu phakathi kwabo kodwa akekho owaziyo ukuthi bebebangani. Baxabane kakhulu indoda yaze yasola umufi ngokuthi umbukanisa nabantu,'' kuchaza leli lungu lomndeni.
Lithe indoda inengekile yahamba yamshiya umufi nezingane yayomlinda enkundleni yezemidlalo eseduze nalapho abahlala khona.
Ilungu lomndeni lithi kuvela ukuthi umufi uqhamuke kule ndawo ehamba yedwa, izingane zisele ngemuva.
"Lo wesilisa uvele wamngenela ngenduku wamshaya ikhanda laze laba mabokoboko. Ngemuva kwalokho kuthe uma ebona ukuthi akafi wabe esemnquma uqhoqhoqho ngommese,'' lisho kanje.
Lithe ngenhlanhla ngesikhathi lo wesilisa enza yonke lento bekukhona owesilisa obedlula obonile konke obekwenzeka wase eyababikela ukuthi ubani obulele umufi.
Ngemuva kokuba lo owesilisa embulele lo wesifazane uzamile ukubaleka kodwa amaphoyisa agcina embambile ambopha.
Liveze ukuthi laba bobabili bebehlala ndawonye ehostela KwaMashu.
"Laba bese benesikhathi eside kakhulu bethandana kodwa iqiniso ukuthi udadewethu ubehlukumezekile kakhulu kulolu thando. Nathi asazi ukuthi kungani ebengafuni ukuphuma kulona,'' echaza.
Liveze ukuthi umufi waze wakhulelwa ingane yenye indoda ngenxa yakho ukungaphatheki kahle othandweni.
Kodwa uthi izinto babuye bazilungisa babuyelana.
Iselula kamufi nemali bekungasekho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko. Uthe amaphoyisa aKwaMashu abophe owesilisa onemiminyaka engu-34 ngecala lokubulala owesifazane emgwaqweni uKhowa.