KUBOSHWE abasolwa abaningi ngamacala okukhona kuwo awokubulala, ukuzama ukubulala, ukubamba inkunzi nokushaya ezindaweni ezahlukene eNorthern Cape, phakathi koLwesine neSonto.
Amaphoyisa abeqhuba umkhankaso, i-Operation Shanela ngesikhathi ebopha abasolwa. Umkhankaso ubuhlanganisa ukusesha izimoto, ukumisa abantu baseshwe, ukuhlola ukuthi imigomo iyalandelwa yini ezindaweni nokulandela umkhondo ngabasolwa.
Kuboshwe abasolwa abangaphezu kuka-300. Amanye amacala ababoshelwe wona ngawokugqekeza, ukutholakala nezidakamizwa, ukutholakala nezikhali eziyingozi, ukushayela bephuzile noma bedle izidakamizwa, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, ukudayisa utshwala ngaphandle kwemvume nabantu abakuleli ngokungemthetho.
Ebantwini abang-309 ababoshiwe, abangu-154 kubo bebefunelwa amacala amadala futhi bebebalekela amaphoyisa.
“Amaphoyisa athathe inqwaba yotshwala nezikhali eziyingozi emashibhini angekho semthethweni nakwezinye izindawo ezaziwa ngobugebengu,” kusho isitatimende samaphoyisa.