Kuboshwe ikhansela leDemocratic Alliance (DA) eBergville ngezinsolo zokuba nesandla ekufeni komndeni wakhe owasha nendlu ngo-Okthoba nonyaka.
Lokhu kuvezwe wumholi weqembu KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, esitatimendeni ngoMsombuluko ebusuku lapho eveze ukuthi babikelwe ngokuboshwwa kukaMnuz Michael Indlelibuzwakwabaphambili Buthelezi.
URodgers uthe esigamekweni unkosikazi kaButhelezi nezingane ezintathu basha bashona ngesikhathi kuthungelwa ngomlilo indlu ababekuyo ezintatha. UButhelezi waphuthunyiswa esibhedlela eshe kanzima.
Ngemuva kwesigameko uRodgers wavakashela uButhelezi esibhedlela waphinde waxhumana nouholi bamaphoyisa esifundazweni ukuthi baphenye.
URodgers uthe uwaziswe wuKhomishana wamaphoyisa eKZN, uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi uButhelezi ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuba wumsolwa ophambili ophenyweni lwawo.
“I-DA esifundazweni baphimbilini yanxusa ukuthi luphenyisiswe lolu daba nokuthi abathintekayo bathathelwe izinyathelo kungakhathalele ukuthi ngobani. Namanje sisamile kulokhu futhi sifuna umthetho uthathe indawo yawo kulolu daba nakwezinye.”
Ithe lolu daba luzodluliselwa nakwezomthetho zangaphakathi eqenjini.