BAKHALELWE ngamasongo kaSigonyela uqala unyaka abokufika ababili abangene kuleli nomgodlagodla wezidakamizwa zenani lika-R3 million.
Laba basolwa abebehamba ngeveni enkulu bavinjezelwe ngamaphoyisa emgwaqweni u-R510 obheke eThabazimbi.
Ngokombiko wamaphoyisa, le moto ibisuka ezweni iTanzania iliphikelele eThabazimbi.
"Amaphoyisa aseLimpopo alunywe indlebe ngemoto esolisayo, kwahlanganiswa ithimba elikhethekile lanikela kuyona," kusho uBrigadier Hlulani Mashaba okhulumela amaphoyisa eLimpopo.
Amaphoyisa amise le moto ayisesha athola amasaka amabili nezidakamizwa zohlobo lwe-heroin.
Kuboshwe abasolwa ababili abangabofika abaneminyaka engu-55 no-56 ubudala. Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo futhi anethemba lokuthi bakhona abanye abazoboshwa ngaleli cala.